INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu yamukele isitatimende sikafakazi osewashona ecaleni lokubulawa kwabantu ehostela iGlebelands.
Izolo umshushusi * -Advocate Dorian Paver ufake isicelo sokuba kwamukelwe ubufakazi bukamufi, uMnuz Phumelele Patrick 'Godola' Ndlovu.
UNdlovu ungomunye wabantu abazibonela kubulawa abantu ababili ngoMashi 2016 ehostela. Ngo-Meyi 2016 wenza isitatimende esifungelwe emaphoyiseni ngakubona kwenzeka.
Lo fakazi wabe esedutshulwa, washona kungakaqalwa ukuqulwa kwecala. Bathathu ofakazi abebezoba yingxenye yaleli cala asebabulawa, uNdlovu, uMnuz Sipho Ndovela noNksz Princess Sibiya. Abasolwa kuleli cala nguSergeant Bhekukwazi Louis Mdweshu, oMnuz Khayelihle Mbuthuma, Vukani Manenze Mcobothi, Wonderboy Eugene Hlophe, Ncomekile Matlale Ntshangase, Mbuyiselwa Mkhize, Mondli Thalente Mthethwa noBongani Mbhele.
U-Advocate Paver ubize iphoyisa elabhalisa uNdlovu isitatimende, uWarrant Officer Malusi Sipho Mhlabeni. UMhlabeni uthe babehambisana nephoyisa eselashona uDetective Constable Thandoluhle “Ndo” Mhlongo, baya eMdatsane beyohlangana noNdlovu. Uthe uNdlovu wayebhace kuleya ndawo ngoba esola ukuthi kunabantu abafuna ukumbulala.
Uthe uNdlovu wabhalisa isitatimende esifungelwe.
“Ngamazisa ukuthi siphenya ngodaba lwaseGlebelands futhi sithole ulwazi ukuthi wayekhona kudutshulwa abantu ababili. Nempela wavuma wabe esesitshela konke okwenzeka. Ngamchazela ukuthi ngizodinga isitatimende esifungelwe ngokwenzeka, wavuma. Ngabe sengibhala phansi imininingwane ayekusho. Wasayina isitatimende,” kusho uMhlabeni.
Umshushisi ucele ukuba afunde isitatimende sikamufi.
Kwisitatimende kuvele ukuthi umufi wayehlezi nabababili ababulawa. Uthe wabona kuqhamuka amadoda amane ehlome ngezibhamu, kubona kukhona athe uThalente (Mthethwa) noMahliphiza (Mkhize). Laba abanye ababili wayengabazi. Kuvele ukuthi abasolwa bavele babadubula, kungaxatshwene.
Uthe yena wabaleka wacasha endlini. Waphuma sebedubulekile ababili. U-Advocate Paver uthe yize umufi engeke esakwazi ukufakaza ngoba wabulawa (ukubulawa kwakhe akuyona ingxenye yamacala abekwe abasolwa kuleli cala), kuzobaluleka ukuba ubufakazi bakhe bamukelwe njengoba kukhona nabanye ofakazi phambilini abakhuluma ngaye umufi ukuthi wayekhona kwindawo yesigameko ngelanga lesehlo.
Ummeli wabasolwa uMnuz Xolani Sindane, usichithile lesi sicelo wathi kungamukelwa kanjani ubufakazi bomuntu osewashona ongeke akwazi nokuziphendulela. Uthe lokhu kuzokwenzelela kubasolwa ababili abavela kwisitatimende sakhe.
U-Advocate Paver uthe impela kuwubulungiswa ukuba ubufakazi bamukelwe njengengxenye yobufakazi becala.
Ijaji uNkosinathi Chili libe selinquma ukuthi ubufakazi bukamufi buzokwamukelwa kuleli cala.
Icala lizoqhubeka ngesonto elizayo.
Abasolwa babhekene namacala angu-22, okubalwa ayisishiyagalolunye okubulala nawokuzama ukubulala. La macala enzeka phakathi kuka-2014 no-2016.