UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal usuyalelwe ukuthi kumele uqale ukwakha isikole esigodini saseNkungumathe, eNkandla, ngonyaka ozayo.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ukhiphe lesi sinqumo ngoLwesibili kulandela isikhalo esafakwa abamele lo mphakathi, iMpungose Traditional Council ne-AfriForum, abakhala kuyo kulandela ukungafezekiswa kwesithembiso somnyango sokwakha isikole kule ndawo.
Abalomphakathi bathi sebelinde ukwakhiwa kwesikole kule ndawo iminyaka engaphezulu kwelishumi. Abe-AfriForum baveze ukuthi abafundi bakulendawo basahamba amabanga amade uma beya ezikoleni ezikhona endaweni. Ngesikhathi ikhalaza enkantolo i-AfriForum iveze ukuthi abafundi bahamba amabanga alinganiselwa kumakhilomitha angu-15 uma beya ezikoleni eziseduzane, ezinamakilasi anesibalo sabafundi eseqile kwesijwayelekile.
Isikhulu esiphezulu se-AfriForum, u-Alana Bailey, usishayele ihlombe isinqumo senkantolo wathi ekugcineni sekuzofezeka iphupho lomphakathi.
“Isinqumo senkantolo sithi kumele kuqale ukwakhiwa kwesikole ngo-2020. Umphakathi kumele ube yingxenye yezinhlelo zokwakhiwa kwesikole. Kufezeke iphupho kanti kubajabulisa kakhulu lokho,” kusho uBailey kwi-East Coast Radio.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi uthe umnyango uzothobela umthetho wenkantolo uma usubhekisisa isinqumo sayo.