IZIHLATHI zivakashele izindlebe kubantu baseLamontville akade behlala emijondolo ngesikhathi iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithula uhlelo lwezindlu lukaR1 billion.
UKaunda uthe imindeni isizohlala ezindlini ezisesimeni esikahle emuva kokuhlala emijondolo.
Uthe sezizonke izindlu eKuthuleni, eLamontville, zizoba wu-400.
“Ziwu-180 izindlu esesizakhile lana eKuthuleni, sesizonke zizoba wu-400. Izindlu zizobuyisa isithunzi sabantu bakithi, kubuye ithemba. Kukhona abasuswe kule ndawo bayiswa eQueensburgh bakhelwa izindlu eziwu-400. Bazothola ubunikazi bezindlu, bathole amanzi, ugesi nakho konke okuzoqinisekisa ukuthi bahlala endaweni esesimeni esikahle,” kusho uKaunda.
Uthe uma izindlu seziphelile uMasipala weTheku wenza isiqiniseko sokuthi ziya kubantu abafanele ngokubanika okhiye namatayitela ezandleni ukuze kungabi bikho abangena ngodli ezindlini zabanye.
Kwezinye izinhlelo zezindlu kuke kwaba nabazibiza ngamasosha oMkhonto weSizwe akade bengena ngodli ezindlini ezisanda kwakhiwa obekulindwe ukuthi zidluliselwe kubanikazi bazo.
Kule minyaka edlule uKaunda uthe sebakhe izindlu ezingaphezu kuka-12 000 kanti eminyakeni ezayo bazokwakha izindlu eziphakathi kuka-170 000 kuya ku-270 000 ezinayo yonke ingqalasizinda edingekayo.
Ngesikhathi uKaunda ekhuluma nabezindaba abantu baseLamontville bebejabule bezwakala bekikiza abanye bethi basuka emijondolo bangena ezindlini ezinhle.