NKOSIKHONA CELE
KULOKOZA inhlansi yethemba ngokuxazululeka kwenkinga yamanzi ezingxenyeni ezahlukene zesiFunda iLembe.
Lokhu kuza ngemuva kokuba iMeya yesiFunda, uMnuz Thobani Shandu ememezele ukuthi kuzoba nepayipi lamanzi elizosuka eMshwathi lizophakela amanzi kule ndawo.
UShandu ubekhuluma emhlanganweni womphakathi wokuzohlahlela usomqulu wentuthuko edudiyelwe, phecelezi IDP, obusenkundleni yezemidlalo, eSinamfini, KwaMaphumulo.
Eqhuba, uthe babone kungcono ukuba basebenzise leli payipi ngenhloso yokuqeda nya ngenkinga yamanzi kule ndawo.
Uthe bazibophezele ngokuthi benze konke okusemandleni ukuze abantu bakule ndawo bangeke bezithole njalo bebhekene nengwadla yokushoda kwamanzi.
Uveze ukuthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi lubonakala lushesha kakhulu lolu hlelo lwamanzi asuka eMshwathi.
"Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyashesha. Sifuna ukuthi abantu bethu bawathole kalula amanzi,'' usho kanje.
Uthe okwamanje akakazi kahle ukuthi ngabe lolu hlelo luzobonakala luthatha isikhathi esingakanani.
Kodwa wethembisa ukuthi bazozama ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi alubonakali luhamba ngonyawo lonwabu.
Njengoba uhlelo lungakaphothulwa, uthe umphakathi ngeke usale dengwane ungenamanzi.
''Okwamanje zikhona ezinye izinhlelo zokunikezela ngosizo lwamanzi kubantu bakule ndawo,'' echaza. Uthe okwamanje abantu bazothola usizo lwamanzi njengoba bebakhele amapitsi. Uveze nokuthi kukhona nompompi bamanzi ababafake emizini eyahlukene. Wathi kukhona nohlelo lwamaloli ahambisa amanzi kubantu.
IMeya kaMasipala waKwaMaphumulo, uNkk Zibuyile Khuzwayo ukhulume ngezinhlelo eziningi ezihlabahlosile athe bafuna ukuzenzela umphakathi wakule ndawo. Uthe ezinye izinhlelo abanazo kufaka phakathi ukulungiswa kwemigwaqo ewubhuqu. Ubalule nezinhlelo zokwakhelwa kwabantu izindlu.
Uthe okuseqhulwini yingqalasizinda nakho ukunikezela ngosizo lwamanzi kubantu bendawo.
Amalungu omphakathi athole ingqayizivele yethuba lokubuza ngezinto eziningi ezimayelana nentuthuko.