INHLANGANO yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA), ithi iphoxekile ngendlela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal osingathe ngayo udaba lokuqashwa kodokotela asebephothule izifundo abangaqashiwe.
Usihlalo wale nhlangano uDkt Mvuyisi Mzukwa, uthe labo dokotela abakatholelwa izikhala yize uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla athembisa ukuthi kuzoshaya u-Ephreli 1 sebeqashiwe.
"Odokotela bayashoda ezikhungweni zezempilo ekubeni befunde ngemali yabakhokhi bentela. Uhulumeni lolu daba akalusingethe ngendlela. Sibhekene nabantu abangenalo iqiniso kusukela phezulu kuwo uMnyango wezeMpilo.
“UNgqongqoshe wayethe uzokhuluma nezifundazwe ngalolu daba kodwa kuze kube manje akucaci ukuthi bazoqashwa nini. Kusho ukuthi njengoba kuza ukhetho ongqongqoshe bakhuluma noma yini.
“Lento idala ukuthi kube nemibhikisho efana nalo oseMgungundlovu. Siyabeseka odokotela abaqhinqe ngaphambi kwehhovisi likaMphathiswa wezeMpilo eKZN, uNksz Nomagugu Simelane futhi sizobajoyina nathi ukuze abakulwelayo kube nesigqi," kusho uMzukwa.
UDkt Busisiwe Mancotywa osekomitini elibhekelele odokotela abangaqashiwe eKZN uthe kusukela ngoFebhruwari bangu-17 odokotela baKwaZulu-Natal asebeqashiwe osekwenze ukuthi isibalo sisuke ku-187 siye ku-170.
"Lesi sibalo sincane kakhulu kunalokho ebesikulindele. Siyabonga kulabo abasesekayo kuhlanganisa neminikelo ngezinto eziningi esizidingayo njengoba sihleli ngaphambi kwehhovisi likaMphathiswa wezeMpilo," kusho yena.
UDkt Thuba Nkabinde uthe kusukela beqhinqe kuleli hhovisi babe nemihlangano emibili nenhloko yomnyango uDkt Sandile Tshabalala, kodwa akukabikhona abavumelene ngakho.
"Sisazoqhubeka nokuhlala lapha kuze kube sithola esathenjiswa khona," kusho uNkabinde.
Umnyango wezempilo, uthe uNdunankulu wakulesi sifundazwe uzokwenza isitatimende ngalou daba.