INHLANGANO iThabo Mbeki Foundation, ithi izibhelu ebezikhungethe izwe zinomsuka ojulile, akuzona nje izenzo zobugebengu kuphlela.
Le nhlangano ithi izwe libhekene nabathile abanezinhloso zabo futhi kade baba khona baziwa ngababelawula umbuso beyidlanzana. Le nhlangano ngeyowake waba ngumengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki.
"Ukulawulwa kombuso yidlanzana yinto ekhona ebiyenziwa ngabomu ngoba sikubonile kwaSARS nasemabhizinisini kahulumeni, kwaphinda kwathunazwa nezinhlaka zezomthetho,'' kusho isitatimende.
Iqhubekile inhlangano yathi izigameko zibhebhethekiswe nayizimo ezinzima abantu abaphila ngaphansi kwazo.
Inhlangano ibe isicela ukuthi kuhlangane zonke izinhlaka zilekelele uhulumeni, kukhuzwe udlame ezweni.
Inhlangano ikhuluma kanjena nje kunenqwaba yabantu abafile, kwacekelwa phansi nempahla KwaZulu-Natal naseGauteng. Kutshalwe amaphoyisa namasosha kuyo yonke indawo.