KUPHAKAME imimoya kwandiza nenhlamba ngesikhathi indoda ebigwetshwa ngenxa yokubulala izingane zayo ithuka abomndeni maqede yashona phansi ekhulukuthu.
USibusiso Mpungose (44) ugwetshwe odilikajele abane yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu izolo emuva kokuvuma amacala okubulala izingane zakhe ezine.
Ugwetshelwe ukubulala o-Ayakha Jiyane (17), Siphesihle (10), Khwezi (6) noKuhlekonke Mpungose (4) ababulala ngokubalengisa eWyebank ngoSepthemba ngoba esola inkosikazi yakhe ukuthi ijola noyise ka-Ayakha.
Ngesikhathi iJaji uSharmaine Balton liqeda kwethula isigwebo, uMpungose wethuke amalungu omndeni emuva kokuthi ilungu lawo limfele ngamathe esehlela ekhulukuthu.
UNGQOGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, noninakhulu wezingane ezabulawa, uNkk Ntombikhona Mlaba, bathathwe bephuma eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu emuva kokuthi kugwetshwe uSibusiso Mpungose ngamacala okubulala izolo Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
UNksz Mthobisi Mlaba, udadewabo kaNkk Xolisile Mpungose, unina wezingane ezabulawa, uthe uMpungose ngeke bamxolele ngesenzo sakhe.
“Sisithokozele isigwebo anikwe sona kodwa ngeke sizibuyise izingane. Akakhombisi ukuzisola kodwa kunalokho uthi fuse”#@ni, uyasethuka,” kusho uNksz Mlaba.
Uthe udadewabo akezanga enkantolo ngoba akakabi sesimeni esihle selokhu uMpungose ashaya ilothe.
UNksz Mlaba nonina, uNkk Ntombikhona Mlaba, babonakale bechiphiza izinyembezi ngesikhathi iJaji uBalton licaphuna amazwi kaNkk Mpungose awasho enkantolo emuva kokubulawa kwezingane zakhe.
“Uthathe okuyigugu lami ebengiphilela kona. Isithombe sokubona izingane zilenga kasishabalali emqondweni wami. Kumanje angikwazi ukubuyela ekhaya ngenxa yalesi sithombe. Ngikhala njalo uma ngicabanga ukuthi izingane zami zakhala kanjani zifuna usizo, ngingekho ukuze ngizivikele.”
Ethula isigwebo, uthe ukuvuma icala nokuxolisa ngesenzo sakhe umbulali ngeke kwenze mehluko ekutheni athole isigwebo esiqatha.
“Ukuvuma kwakho icala kugadla kuwe, ikakhulu uma inkantolo icabanga ngokubulala ngonya izingane zakho. Owakusho ngesikhathi uvuma icala okokuthi ngesikhathi usubuyelwe umqondo wabona ubuhlungu owabenza uzibulala, ngeke kwenze ukuthi le nkantolo ikwenzelele ububele,” kusho uBalton
Phezu kokuba uMpungose exolisile enkosikazini yakhe nasemndenini kodwa uBalton umgxekile ngokungakhombisi ukuzisola.
Uthe imibiko yokuhlolwa kwezidumbu ezine nezithombe ezathathwa ezazibonisa izingane ziklinyekile, yenza umuntu azibuze ukuthi kwakwenzekani ezinganeni ngesikhathi kwenziwa lobu bugebengu.
Uthe inkantolo kumele ithumele umyalezo oqinile kubantu abenza lolu hlobo lwamacala ikakhulu njengoba kusondele isikhathi semikhankaso yokulwa nodlame olubhekiswe ezinganeni nakwabesifazane.
Evuma icala uMpungose wathi ngesikhathi inkosikazi yakhe ifuna bahlukanise, wahlukumezeka kakhulu engqondweni waze wazama ukuyobona udokotela womndeni kodwa kwatholakala ukuthi useholidini. Wabe esenquma ukuzibulala abulale nezingane zakhe.
Kodwa uBalton uthe uMpungose ubengazama ukubona omunye udokotela uma lo abemsebenzisa emndenini engekho.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, obekhona enkantolo uthe simfanele isigwebo asitholile uMpungose.
Khonamanjalo kulindeleke ukuthi uMpungose avele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngelinye icala elingahlobene nalawa agwetshelwe wona.