I-INSTITUTE for Security Studies ithi akucaci ukuthi uhulumeni uzokunqoba ukudayiswa kukagwayi notshwala okuwumbombayi ngoba okwamanje abukho ubufakazi balokhu.
UMnuz Richard Chelin ongumcwaningi kule nhlangano uthe ugwayi womkokotelo ulahlekisela uhulumeni ngoR6 billion ngonyaka kanti njengoba izwe lisebenza ngaphansi kwemigomo yokulwa neCorona, le mali ingase inyuke.
“Ukudayiswa kogwayi womkokotelo notshwala kunyukile manje. Kukhona ababoshwayo kodwa ngeke sisho ukuthi uhulumeni uyayinqoba impi yokushushumbiswa kukagwayi womkokotelo,” kusho uChelin.
Ngeledlule sigodliwe isinqumo ngodaba lokudayiswa kukagwayi olusenkantolo njengamanje.
I-British American Tobacco ifuna uhulumeni avule ukudayiswa kukagwayi kodwa uhulumeni uthi ukuvalile ngoba evikela abantu.
UKhomishana wakwaSARS, uMnuz Edward Keiswetter, uthe iNingizimu Afrika ilahlekelwe wuR82 billion ngokuvalwa kukagwayi notshwala.
Ulindele ukuthi kulahleke uR13 billion njengoba kusavaliwe ukudayiswa kwale mikhiqizo.
UMnuz Dean Macpherson okhulumela iDA kwezohwebo nezimboni uthe bafuna kuvulwe ukudayiswa kotshwala ngoba uDkt Glenda Gray onguMengameli weSouth African Medical Research Council uthe ikhona indawo ezibhedlela.
E-Western Cape uNdunankulu wakhona uMnuz Alan Winde uthe bafuna buvulwe utshwala ngoba kuphephile.
UMacpherson uthe bayaseseka isiphakamiso sikaWinde ngoba ukuvalwa kotshwala kuphazamisa umnotho nemisebenzi.