ISIFINYELELE kuR80 million ijekphothi yePowerball engakaze iwinwe muntu kulo nyaka.
ISIFINYELELE kuR80 million ijekphothi yePowerball engakaze iwinwe muntu kulo nyaka.
Lokhu kuvezwe yisikhulu seNational Lottery Ithuba, uNkk Charmaine Mabuza.
UNkk Mabuza uthe wonke lo R80 million ulindele ukuthathwa yinoma ngubani ongaba nenhlanhla ngoLwesithathu.
Uthe sekungokwesithathu le mali ingawinwa muntu kusukela unyaka uqalile.
“Uma ekhona ozoyiwina namuhla, uzobe engowokuqala ukuyiwina kulo nyaka. Ngesikhathi sijabulela ukuthi siqala unyaka ngegiya eliphezulu ngalolu hlobo, siyafuna ukuveza ukuthi Ithuba linemigomo yokuziphatha eliyilandelayo futhi liyabagqugquzela abadlali ukuthi badlale ngokubheka,” kusho uNkk Mabuza.
Uthe abawina imali esuka kuR50 000 kuya phezulu baye banikwe ukwelulekwa ngokomqondo kanjalo nangokwezimali. Uthe lokhu bakunikwa mahhala.
Uthe Ithuba likhiqize osozigidi abangu-51 ngo-2021. Uthe phakathi kwabo kwakukhona umama owayengasebenzi waseNorth West owawina ijekphothi kaR158 million.
“Elinye lamaphupho akhe kwakuwukuthi athathe iholidi ayovakashela ulwandle lwaseThekwini,” kusho uMabuza.
Uthe omunye owine ngo-Ogasti kwaba ngubaba wasePitoli, owawina uR8 million kwiPowerball Plus.
“Yena wayenezinhlelo zokusebenzisa le mali ukuzama ukubuyisa unkosikazi wakhe owamlaxazela ukuthi akasenamali,” kusho uNkk Mabuza.
Omunye asamkhumbula kwaba yisakhamuzi sase-Eastern Cape esawina ijekphothi yePowerball Plus kaR11 million ngoSepthemba. Sona sasidlale ngamathikithi amabili anezinombolo ezifanayo nokwaholela ekutheni siyiwine yonke imali yejekphothi.