KULIMALE abantu abayisihlanu kubalwa nezingane kushayisana itekisi nemoto encane eMgungundlovu izolo.
Zine izingane ezilimele engozini eyenzeke ekuseni emgwaqweni uSlangspruit, eMbali.
Okhulumela abosizo oluphuthumayo i-ER24 uMnuz Russel Meiring, uthe bafike endaweni yesigameko ngemuva kwehora lesithupha ekuseni.
“Abosizo oluphuthumayo bafice itekisi nemoto encane kumi phakathi nomgwaqo. Baxilonge abalimele kwatholakala ukuthi izingane ezine ezineminyaka ephakathi kweyisithupha kuya kweyisishiyagalolunye zilimele,” kusho uMeiring.
UMeiring uthe abalimele baxilongwe endaweni yesigameko maqede baphuthunyiswa esibhedlela i-Edendale.
Uthe amaphoyisa abekhona endaweni yesehlo ukuze aphenye ngembangela yengozi.