IJAJI Mjabuliseni Isaac Madondo lishiye uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, nengcabha ngokugcotshwa kweSilo.
Izolo, uMadondo unqume ukuthi akukho okuvimbela uhulumeni ukuthi akhiphe isitifiketi esibeka ngokusemthethweni iSilo uMisuzulu kaZwelithini njengeNkosi yaMaZulu.
UMadondo uthe incwadi eyabhalelwa uRamaphosa ephikisa ukuqokwa kweSilo, ayikho emthethweni. Ukusho lokhu ngesikhathi ethula isinqumo ecaleni elithinta umbango wesihlalo sobukhosi eNdlunkulu kaZulu, oqubuke ngemva kokukhothama kweNgonyama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
UMadondo uthe akukho okuvimba ukuthi iSilo sigcotshwe ngokusemthethweni, wathi akekho ofanelwe yisihlalo sobukhosi ngaphandle kwaso. Uqhube wathi kwalandelwa usiko ngesikhathi kuqokwa iSilo futhi kwalandelwa yonke imigomo.
“INdlunkulu yaba nomhlangano, lapho kwaqokwa khona iSilo. Kulo mhlangano akekho owaphikisa ukuqokwa kweSilo. Ukuqokwa kweSilo kuyahambisana nosiko lwaMaZulu, oluthi iNdlovukazi elotsholwe yisizwe yiyo eyozala ozongena esihlalweni sobukhosi,” kucacisa iJaji ngesinqumo salo.
UMadondo ubelalele amacala amathathu. Amabili awo abefuna kumiswe ukuqokwa kweSilo. Kula macala elinye belifakwe ngabantwana basesigodlweni sakwaKhethamthandayo, uNtombizosuthu Zulu-Duma noNtandoyenkosi Zulu.
Bebefuna kumiswe ukuqokwa kweSilo ngoba besola ukuthi kukokoteliwe ukusayina kukaMdlokombane, kwincwadi yefa eyaqoka iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, njengebamba bukhosi.
Elinye belifakwe nguMntwana uMbonisi Zulu, obefuna kumiswe ukuqokwa kweSilo kuze kuba inkantolo ikhipha isinqumo kuwo wonke amacala, athinta umbango wesihlalo sobukhosi.
Izolo, uMadondo uzichithile izicelo zokuba kumiswe ukugcotshwa kweSilo. UMadondo uthe incwadi yefa kaMdlokombane ayihlangene nokuqokwa kweSilo njengoba saqokwa emhlanganweni womndeni futhi kulandelwa isiko. Unqume nokuthi akekho obangisa iSilo isihlalo sobukhosi.
“UMntwana uSimakade Zulu wasinqaba isikhundla. Noma ngabe wayesivumile, asimfanele. Abafake icala bahlulekile ukuveza ukuthi ngubani omunye ofanelwe yisihlalo sobukhosi ngaphandle kweSilo.
“Njengamanje akukho okuvimba ukuthi iSilo singagcotshwa. Incwadi eyabhalelwa uRamaphosa, nguMntwana uThembi, ayikho emthethweni. Ngakho awukho umbango uRamaphosa noZikalala okufanele bangenelele kuwo,” kunquma iJaji uMadondo.
UMadondo unqume ukuthi icala lokuthi ngabe kwakokotelwa yini ukusayina kukaMdlokombane, kufanele lilalelwe lodwa ngoba kunemibiko emibili yochwepheshe abacubungula okubhaliwe, ephikisanayo. Omunye uthi isandla ngesikaMdlokombane, esasayina incwadi yefa kanti omunye uyaphika.
UMadondo uphinde wachitha isicelo ebesifakwe nguNdlunkulu wokuqala, uSibongile Dlamini Zulu, obefuna uhhafu wamafa kaMdlokombane, ethi umshado wabo wawuhlanganisa amafa.
UMadondo uthe nakuba kuyiqiniso ukuthi lomshado uhlanganisa amafa kodwa undlunkulu akazange acacise ukuthi yimaphi amafa afuna uhhafu kuwona njengoba amafa asendlunkulu ehlukene amahlandla amahlanu.
UMadondo uthe ngabe kungcono ukuba undlunkulu isicelo sakhe usifake enkantolo yezamafa. Usole nokuthi undlunkulu uxhamazelile ekufakeni isicelo njengoba esifake kungakaqalwa ukwabiwa kwamafa.