USADIDEKILE unina wengane eneminyaka emine yasemijondolo, iShiyabazali, eseLotus Park, eSiphingo okusolwa ukuthi ishaywe ugesi wezinyokanyoka onqamula endleleni ebihamba ngayo, ngoLwesibili, yashona.
UFikile Lusanda Dlamini kuthiwa uphume ekhaya eyothenga uswidi owaziwa ngo-Ice Cream, esitolo esiseduze kwakubo, kusolwa ukuthi uthe uma engawutholi lo swidi waqhubeka waya kwesinye isitolo engasamazisanga unina.
UNksz Bongiwe Dlamini unina kamufi uficwe yileli phephandaba esendleleni eya kubo eMkhomazi, lapho eyofihla khona indodakazi yakhe, uthe umufi uphume eyothenga uswidi esitolo esiseduze, wangawutholi wabuya, wacela ukudlulela kwesilandelayo wamvumela kodwa ushone esendleleni ebheke esitolo sesithathu esibuqamama nasekhaya.
“Ngisola ukuthi kuthe uma engawutholi lo swidi esitolo sesibili wabona ukuthi uma ebuyela kimi ezocela ngeke ngivume ngoba sibuqamama, waqhubeka wazihambela kanti ngeke esafika kuso. Ngimfice esethule eduze kwayo intambo kagesi ebinqamula endleleni yezinyawo abehamba ngayo,” kusho uNksz Dlamini.
Uqhube wathi akazi ukuthi indodakazi yakhe ididwe yini ngoba ugesi ibiwazi ukuthi uyingozi akumele iwunyathele.
“Mhlawumbe uthe uyayeqa intambo wakhubeka wawela kuyo, angiboni ukuthi ubengayinyathela ngoba uyazazi izintambo zikagesi. Siyazi ukuthi lezi zintambo ziyingozi futhi kujwayelekile ukuthi abantu zibalimaze kodwa kuyaqala ukuthi kube nomuntu oshonayo,” usho kanje.
UMnuz Thapelo Mohapi wenhlangano elwela abahlala emijondolo, Abahlali baseMjondolo, uthe kuyishwa ukuthi uMasipala weTheku wagunyaza ukufakwa kukagesi emijondolo eminyakeni emibili eyedlule kodwa lolu hlelo luhamba kancane ngenxa yosopolitiki abanomhobholo.
“Uphiko lukamasipala luzivulile izandla lulindele ukusifakela ugesi inkinga idalwa ngamakhansela afuna ukukhetha osonkontileka abazowanika iqatha. Ngesikhathi kusadlalwa lo mdlalo wemali abantu abahluphekayo bayashona. Esikhathini samanje akulula ukuthi uphile ugesi ungekho, yingakho abantu bebeka impilo yabo engcupheni ngokuzifakela lo gesi wezinyokanyoka,” kusho yena.
UCol Thembeka Mbele okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uthe amaphoyisa aseSiphingo avule idokodo lophenyo ngemuva kokuthi kutholakale isidumbu sentombazane eneminyaka emine okusolakala ukuthi inyathele intambo kagesi.