BAWINILE NGCOBO
AMAPHOYISA aphenya ngokuzibulala kwendoda yaseMatimatolo ngaseGreytown okuthiwa iqale yadubula indodana kankosikazi wayo nonkosikazi ngoLwesithathu ebusuku.
Akucaci ukuthi kube yini imbangela yalokhu kudubula kodwa kusolwa ukuthi kube khona ingxabano yomndeni.
Kulesi sigameko kushone uNkk Sebenzile Sithole (47), indodana yakhe uMnuz Nkosinathi Hadebe noMnuz Phumlani Sithole (41).
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane, uthe ngokombiko wamaphoyisa uNkk Sithole noHadebe badutshulwe endlini ngesibhamu sohlobo lwe-303.
Kusolwa ukuthi badutshulwe nguSithole obe esezidubula naye.
Lesi sibhamu okuthiwa asikho emthethweni kuthiwa sithathwe ngamaphoyisa.
UZwane uthe laba bobathathu batholwe sebeshonile endaweni yesigameko kanti akucaci noma bebekhona yini abanye abantu abebesendlini ngaphandle kwalaba abashonile ngesikhathi sesigameko.
Uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala nesigameko sokuzibulala kukaSithole.
Omunye wakule ndawo ongathandanga ukudalulwa uthe yize bebengekho ngesikhathi sesigameko kodwa bashaqekile ngokwenziwe nguSithole ngoba bebengakaze bacabange ukuthi angake enze into efana nale.
Uthe ingane kankosikazi wakhe ashada naye ngo-2005 ibilokhu ihlala nabo yaze yaqeda u-matric ngo-2011.
Uthe yize bekukhona ukukho-nonda kuSithole ngomsebenzi kodwa bebengakaze bacabange ukuthi angenza into enje.