AKUQONDAKALI ukuthi uqalwe yini umlilo ongqongqise izithandani nezingane ezimbili ebezilele emjondolo eziqashe kuwo oseNewlands West, entathakusa izolo.
Isolezwe lithole ukuthi owesilisa(38) ubevakashelwe yisithandwa sakhe (24) ebesihamba nezingane zikadadewabo ezimbili eyomfana (3) neyentombazane (5).
Ngokusho kukaNkk Nokwenza Bhengu ongumnikazi womuzi obekuqashe kuwo owesilisa, akuqondakali ukuthi yini eshise izithandani ngoba akekho ozwe okuthile.
“Anginalo udaba oluphelele kodwa umlilo uqale ngabo-3 ekuseni. Kwaba sengathi yinto ejikijelwe esaphethroli ngoba kuvele kwaba wumlilo onganqandeki. Asazi ukuthi sizothi uqalwe yini ngoba asizwanga lutho oluqhumayo nesigubhu sikagesi asiqhumanga. Bebezikhiyele belele ngaphakathi. Asikwazanga nokuvula kuze kwadingeka ukuthi silande ubhushu. Amaphoyisa afikile athatha izitatimende. Abengakasho ukuthi umlilo uqalwe yini noma asolani,” kusho uNkk Bhengu.
Uveze ukuthi omakhelwane bezwe kukhala izingane isikhashana kodwa zabuye zathula. Abadala uthe abazange bazwakale bekhala.
Uthe owesilisa udabuka eMzimkhulu kanti owesifazane ngowaKwaSwayimane kodwa umndeni wakhe useduze.
Umlilo uthe bawucime ngamabhakede amanzi belekelelwa womakhelwane.
Leli phephandaba liyile endaweni yesigameko kodwa lahluleka ukukhuluma nomndeni wabashonile kwazise okuthiwe unina wezingane ubekhala engakwazi nokukhuluma.
UColonel Thembeka Mbele wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe ngabo-3.15 entathakusa izolo, kushe umuzi kuKhulula North, eNewands West.
“Bekukhona abadala ababili nezingane ezimbili. Ayaziwa imbangela yomlilo okwamanje. Amaphoyisa aKwaMashu avule idokodo ngalesi sigameko,” kusho uColonel Mbele.