SIKHUNGATHEKILE isizwe saseMachunwini eSidakeni, eWasbank, ngemuva kokushona kwenduna yesizwe ngoMsombuluko ebusuku.
Kuthiwa isidumbu sikaNkk Sholiphi Mchunu (75), obengomunye wezinduna ezindala zenkosi, sitholakale sinenxeba esiphongweni kodwa akucaci ukuthi ulinyazwe yini.
UNkk Mchunu kuthiwa ungenelwe wucingo ngaphambi kokuthi kushaye ihora lesishiyagalombili ebusuku, waphuma wakhuluma nalo emnyango wangabe esabuya.
Umndeni wakhe ushayisana ngamakhanda awazi ukuthi ulinyazwe yini nokuthi yini eholele ekutheni ashone.
Amanye amalungu omndeni acabanga ukuthi udutshuliwe kanti amanye acabanga ukuthi kukhona into emgwazile.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuthi lingadalulwa ngoba lisaba ukuthi lingase lenzakaliswe, lithe umufi ungenelwe ucingo waphumela emnyango ekhuluma nalo wangabe esabuya.
“Abebekhona endlini bathe uphume ekhuluma nocingo wangabe esabuya. Abezwanga kuqhuma sibhamu, abazi ukuthi ulinyazwe yini,” kusho ilungu.
Lithe basadidekile ngempela ukuthi kwenzekeni kodwa bazolinda umbiko kadokotela okuyiwo ozoveza ukuthi yini embulele..
“Ubulawe ngosuku okade kwenziwe ngalo umcimbi wokuchelwa ngenyongo kwendodana yakhe esinde kade idutshulwa eGoli. Nalo ucingo abekhuluma nalo beluvela eGoli lapho kwallimala khona indodana yakhe,” kusho leli lungu lomndeni.
Lithe bekuwumcimbi wokuthotshwa amanxeba kosuke esinde ekulimaleni ngenyongo yembuzi.
“Akuqali ukuthi kwenzeke into enjena ekhaya. Nakudala kwadutshulwa ilungu lomndeni futhi kwagcina kungazwakalanga ukuthi ubulawe ngubani,” kusho ilungu lomndeni
Lithe ayikho into abayisolayo ngokubulawa kukaNkk Mchunu wakhe ngoba ubengakaze abatshele ukuthi kukhona abantu axabene nabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseKuvukeni aphenya icala lokubulala. Okwamanje bekungakaboshwa muntu.
“Kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka ewu-75, eKuvukeni, eWasbank, enenxeba esiphongweni. Kubukeka sengathi ubeshaywe ngento ebukhali. Isizathu sokubulawa kwakhe ibingakaziwa okwamanje,” kusho uZwane.