KUQUBUKE umsindo ngesincomo esenziwe abesikhwama esixhasa izitshudeni ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), sokuthi ukuze isitshudeni siqhubeke nokuxhaswa kumele siphase ngo-75% ama-module (izifundo).
Okwamanje isitshudeni siyaqhubeka nokuthola uxhaso uma siphase ngo-50% ama-module. Ngokwesiphakamiso esisabhungwa nezinhlaka ezehlukene, ukuze uxhaso luqhubeke uma wenza izifundo ezingu-10 ngonyaka, kumele umfundi aphase eziyisishiyagalombili ukuze uqhubeke nokuthola uxhaso.
Inhlangano emele imikhandlu yezitshudeni emanyuvesi iSouth African Union of Students, ishaya phansi ngonyawo ithi ngeke siphumelele isiphakamiso.
UNobhala jikelele wenhlangano uLukhanyo Daweti, uthe okwamanje kuseyisiphamiso kodwa ngeke bavumelane naso. Uthe bafuna ukuthi isiphakamiso siqale ngo-2022, wathi basenze emhlanganweni wangoMsombuluko.
“Akuwona wonke umuntu ongathola u-75% ezifundweni zakhe ngakho kumele sibuyekezwe. Ngeke sivumelane nento ezoshiya ngaphandle umuntu ontulayo. Izitshudeni ziqhamuka emindenini engafani ngakho kumele kubhekwe izinga lokuphasa elingaphansi, hhayi lo 75% abakhuluma ngawo.”
Uthe esinye seziphakamiso seNSFAS ngukuthi inganyuswa imali yezinsiza kufunda abayithola kulesi sikhwama nokuthi kube nemali eyodwa ezokhokhelwa abezindawo ezizimele, ezihlala izitshudeni ezixhaswa yilesi sikhwama.
Unxuse imikhandlu yezitshudeni ezikhungweni ukuthi ilethe iziphakamiso ukuze bazihlanganise benze umbiko abazowunika abesikhwama.
Ne-EFF Students Command, isichithile lesi siphakamiso seNSFAS yathi sizolambisa izitshudeni ezingeke zibe nendawo yokuhlala. Inhlangano ithe ikulindele ukungena emgwaqweni ivikele ilungelo lezitshudeni kuliwe nokuthi iqhubeke ithole izinsiza ezifanele.
“Lesi siphakamiso sizokwenza ukuthi izitshudeni zishiye phakathi iziqu zingaziphothulile ngenxa yemali kwande abantu abangasebenzi. Ngeke siyivume into ezohluphekisa izitshudeni ekubeni kuthiwa kunemfundo yamahhala, kwayona evele efana nento engekho.”
Okhulumela iSAUS u-Asive Dlanjwa, uthe omunye umhlangano neNSFAS uzoba semasontweni amabili kuya kwamathathu ezayo.
Okhulumela iNSFAS uKagisho Mamabolo, uthe bamatasa nohlelo lukazwelonke lokuxhumana nezinhlaka abalwenza minyaka yonke wathi maduzane bazothumela imigomo ethinta ukuxhaswa kwezitshudeni uma kunezinguquko.
Uthe okwamanje abakwazi ukuphawula ngohlelo oluqhubekayo nezinto okusabhungwa ngazo.