FANELESIBONGE BENGU
I MPI yombango wababukeli phakathi ko Zalo ne Sibaya isizodlulela nakubalingisi bemidlalo yomibili njengoba beqhathwe emiklomelweni amaSimon Mabhunu Sabela Awards azoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoJuni 18.
Uzalo lukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu kuSABC 1.
Ngakolunye uhlangothi ne Sibaya sikhonjiswa ngesikhathi esifanayo kodwa sona sidlala ngoMsombulu kuya kuLwesihlanu kuMzansi Magic.
Abaqokiwe kule miklomelo okuzoba ngokwesihlanu ikhona bamenyezelwe izolo emcimbini obuseCoastlands Hotel, eMhlanga.
Phakathi kweminxa lapho beqhathwe khona kubalwa oweBest Newcomer Actress (TV) lapho kuzoncintisana khona uSamukele Mkhize odlala indawo kaMabuyi kuSibaya noThandeka Zulu owayedlala indawo kaNombuso kuZalo. Abanye nguBonga Dlamini owayenguMkhonto ku Zalo noNcibijana Madlala odlala indawo kaSiyabonga Mabuza boZalo noBheki Mkhwane onguSamson Ndlovu kuSibaya.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha, iMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, uthe unyaka ka-2016 ngowemigubho eminingi. Uthe ngoJuni 16 kuzobe kuphela iminyaka engu-40 intsha yaseSoweto yavuka umbhejazane ingafuni ukufunda ngesiBhunu.
“Kungalesi sizathu imiklomelo yakulo nyaka izosingathwa ukuhlonipha umdlalo iSarafina egqamisa iqhaza elabanjwa yintsha ka-1976 ukuletha ushintsho kwezepolitiki olwaholela enkululekweni ka-1994,” kusho uMabuyakhulu. Ubuye wathi lo nyaka futhi uqondane nokuphela kweminyaka engu-100 kwaqoshwa ifilimu yokuqala eKZN. Ifilimu eyaqoshwa yi-A Zulu’s Devotion kaJoseph Albrecht eyaqoshwa ngo-1916.
Selulonke uhla lwabaqokiwe lumi kanje:
n Best Newcomer Actress (TV)
Mayuri - High Rollers
Samukele Mkhize - Isibaya 3
Thandeka Zulu - Uzalo
n Best Supportng Actor (TV)
Bonga Dlamini - Uzalo
Ncibijana Madlala - Uzalo
Bheki Mkhwane - Isibaya 3
n Best Actress (TV)
Nomzamo Mbatha - Isibaya 3
Jessica Nkosi - Isibaya 3
Nompilo Maphumulo - Uzalo
Dawn Thandeka King - Uzalo
n BEST ACTOR (TV)
Siyabonga Thwala - Isibaya 3
Vusi Kunene - Isibaya 3
Don Mlangeni Nawa - Uzalo
n Best Director
Philani Sithebe - iLungelo
Boni Sithebe - Luthando 2
Mlingane Dube & Shannyn Zorabo - Brothers
n Best Documentary Full Length
Triangle of Faith -Jayan Moodley
Archbishop Dennis Hurley “Lead Kindly Light” - Jayan Moodley
The Flawed - Neville & Sandra Herrington
n Best Documenetary Short
Anton Herrington - The Mystical Powers of Water
Sandra Herrington - Legends of the Elephant Whisperer Sandra Herrington - The Legacy of Ian
n Best Screenplay
Simphiwe Blessing Mkhize - Uk’shizila
Philani Sithebe - Ilungelo
n Best IsiZulu Film
Lerato, Isihlangu Somntanami
Luthando, Ilungelo
Izwi Legazi
n Best Supporting Actress Film
Virginia Lindy Mnikathi, Bongekile Mpisane
Ncamsile Ngcobo
n Best Actor (Film)
Lucky Hadebe, Scelo Gasa
Mte Ngema
n Best Use of KZN as a Location
Imbulu, Intombi Emnyama 2
Ilungelo
n Best Student Film
David Winter, Svaha, I Nation
n Best New-comer Actor (Film)
Sphamandla Maxundla - Isihlangu Somntamani)
Sphamandla Maxundla (Indombi Emnyama)
Xolo Songca, Wandile Cele, Ntokozi Sibisi
n Best New-comer Actress (Film)
Nokulunga Ngcobo
Nomfundo Ndlovu
Lungi Ngubane
Nomasonto
n Best Micro-budget
Ilungelo
Luthando
Lerato
Iminjunju Yafuthi
n Best Actress (Film)
Nomfundo Ndlovu
Ncamsile Ngcobo
Mandisa Nduna
n Best Feature Film
Nomcebo Cele - Lerato
Bonie Sithebe - Ilungelo
Bonie Sithebe - Luthando 2