AKUSADINGEKI ukuthi abantu bame ulayini uma beyohola impesheni njengoba benelungelo lokunika abakwaSassa imininingwane yebhange abathanda ukuhola kulo bese imali ifakwa kuma-akhawunti abo.
Lokhu akusho ukuthi abathanda ukuhola ezitolo nakwezinye izikhungo bakhishwa inyumbazana ngoba nalolu hlelo lusazoqhubeka kodwa kwandiswa izindawo zokuhola impesheni nezinye izibonelelo zikahulumeni.
Esitatimendeni esikwi-website yakwaSassa kuvele ukuthi abantu abathanda ukuhola emabhange banelungelo lokwenza lokho kanti nabafuna ukuhola esikhungweni bazoqhubeka nokuthola imali.
“Kusuka ngoFebhuwari 1, sizoholela abantu kuma-akhawunti asebhange abasinikeze wona, bangaphezu kuka-2 million (2 0001,233) abantu asebesinikeze imininingwane yamabhange abathanda ukuhola kuwo,” kusho uNksz Pearl Bhengu oyisikhulu esiphezulu sakwaSassa.
Uthe baqale ukuhlola uhlelo lokuholela abantu ebhange ngoDisemba kanti bakwazi ukuholela abangu-100 ngempumelelo.
Abantu bazohola eposini, emabhange, ezitolo nasezikhungweni eziholela impesheni ezweni jikelele njengoba kuphele inkontileka kaSassa neCPS (Cash Paymaster Services).
UMnuz Jonathan Annipen weMinority Front uthe uxoxisane noSassa wathola ukuthi le miyalezo isho ukuthi abahola impesheni banelungelo lokuzikhethela ukuthi imali bayilanda esikhungweni noma ifakwe kuma-akhawunti abo asebhange.
“Uma umuntu engashintshanga ukuthi imali uthanda ukuyihola kuphi akusho ukuthi impesheni yakhe izoma kodwa uzoqhubeka nokuyithola. Ngiyacela izalukazi namakhehla zehlise amaphaphu ngoba bazoyithola imali,” kusho u-Annipen.
Ugqugquzele nabangakayitholi impesheni yabo kaJanuwari ukuthi bavakashele amahhovisi akwaSassa ukuze bachazelwe ukuthi kwenzekeni.