IKHUZA eyokuziphindiselela imindeni yababulawe ngesikhathi sezibhelu ePhoenix, okusolwa ukuthi babulawe wumphakathi wamaNdiya owawuvale umgwaqo odabula kuleli lokishi ngesonto eledlule.
Le mindeni ibihlangene noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, obeyobhonga emswanini ngokulahlekelwa kwayo yizihlobo zayo kulolu dlame okusolwa ukuthi selunenhlese yobandlululo phakathi kwabamnyama namaNdiya. Imindeni ithi kumele ababulali baboshwe ukuze bajeze ngamacala abo.
UNksz Philisiwe Ngcobo, ongudadewabo kaBhekinkosi Ngcobo (38) waseMawoti, okusolakala ukuthi wabulawa ngesikhathi imoto ababehamba ngayo ihlaselwa wumphakathi wamaNdiya ePhoenix, uthe ukubulawa komfowabo ngale ndlela kubuhlungu kakhulu.
“Noma siphatheke kabi kodwa ngeke sikujabulele ukuthi kuchitheke igazi. Ukuphindisela okubi ngokubi ngeke kumnike isifundo nokujeza okufanele umbulali ngoba uzobe esefile, angasitholi isifundo,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe umufi wayecelwe ngabangani bakhe ukuthi abahambise endaweni thizeni, wakhala ngophethiloli okwathi uma eyowufaka egaraji elisendaweni wathola sekuvaliwe. Uthe wadlulela ePalmview okuyilapho yena nowayeshayela babulawa kwashiswa nemoto, kwathi oyedwa abebehamba naye waphunyuka wabaleka, wafike wabazekela okwenzekile. Uthe isidumbu sikamufi umndeni usithole emakhazeni ePhoenix.
Umndeni ka-Aphiwe Gama (19), obewumfundi kaGrade 12 eMandlenkosi Secondary eNanda, uthe iso ngeso ngeke kube yisixazululo kodwa kumele umthetho udlale indima yayo.
Uninalume ka-Aphiwe, uMnuz Clermont Mazibuko, uthe umshana wakhe udutshulwe ezimele emgwaqeni.
“Ubesemgwaqeni ebusuku ebuka abebetapa impahla. Ushaywe yinhlamvu ebidutshulwa ngaphesheya, ngasohlangothini lwasePhoenix, ekuseni ngoMsombuluko wezibhelu,” kusho uMazibuko.
U-Daniel Mwamba (51) kuthiwa ubulawe ephuthunyiswa esibhedlela, eMahatma Ghandi Memorial, ngenxa yokugula.
Usibali kaMwamba, uMnuz Simanga Sibiya, uthe ngoLwesibili ubenaye wamcela ukuthi amphuthumise esibhedlela, okuthe uma benqamula ePhoenix bavinjwa yiqeqebana lamaNdiya, labehlisa emotweni. Uthe ukwazile ukudlubulundela abaleke kodwa usibali wakhe ngoba ubevele egula uhlulekile.
Ekhuluma nemindeni, uZikalala uthe uhulumeni nomasipala bazoqinisekisa ukuthi abashonile bafihlwa ngesizotha bese kuba nohlelo lokugqugquzela ukuthelelana amanzi phakathi kwemiphakathi ebhekene ngeziqu zamehlo.
Uthe bangu-180 asebeshonile ezehlakalweni ezehlukene KwaZulu-Natal selokhu kuqale izibhelu.
UZikalala uqale ngokuhambela umndeni wakwaNzimande eMawotana lapho kubulawe khona uThulasizwe Nzimande (15) naye okuthiwa wadubuleka kuzo lezi zibhelu ngoMsombuluko.
Isolezwe ngesikhathi lihambele lezi zindawo lidlule nasemakhazeni ePhoenix lapho lithole khona ukuthi izolo emini bebengakafiki abazobheka izihlobo ezidukile.