Mhleli: Ngivumele ngibeke umbono wami ngiwubhekise kulabo abathi uma bediniwe bese bethatha isinqumo esiyohleze siyisilonda esingasoze saphela kubona.
Kunohlelo obelukhonjiswa kumabonakude, lapho owesifazane ebezotshela indoda yakhe, ukuthi njengoba benengane akusiyona eyayo kodwa ngekamngane wakhe. Uyaqhubeka uyachaza ukuthi walala nomngane ngesikhathi indoda yakhe isejele, futhi balala kanye kwasala ingane.
Noma lona wesifazane eselikhulumile iqiniso, ube esezitshela ukuthi uzokuthola ukuphumula, kanti akasoze akuthola. Bahlala nendoda osekuvelile ukuthi kayiyona ubaba wengane, ngokunjalo nengane sekumele yazi ubaba omusha, kanjalo nezihlobo, omakhelwane nabangani bendoda ebiyazi ukuthi ingane ngeyayo. Isiyinhlekisa emphakathini. Ukuhlambalazeka kwale ndoda akusoze kwaphela. Isiyohleze iyingabaza ingane eyoyithola komunye wesifazane. Uyacabanga ukuthi abazali bethu babakhonze kanjani abazukulu?
Bekungeke yini kwawenza umqondo ukuthi lona wesifazane ayixoxe le nto benendoda nje bobabili, ingaziwa wumhlaba wonke?
Bengithi emva kwalolu hlelo sizobezwa abesifazane abahleze bethi bayahlukunyezwa ngamadoda sebephawula ke manje ngalona wesifazane ohlukumeze indoda yakhe. Bekukuhle asale esethula nalolu daba ngoba nakuba ecabanga ukuthi ludlulile kodwa lesi silonda sizobhibha.
Kuhleze kushiwo ukuthi ingane yaziwa ngumama wayo, ngempela sekuvelile. Okufike kube yindida wukuthi lona wesifazane usasho ukuthi uyayithanda indoda yakhe futhi uthi kumele aqhubeke ayondle ingane ebe esazi ukuthi kakusiyona eyakhe.
Ekugcineni lo sisi akafuni futhi bahlukane nale ndoda nakuba esetshele umhlaba wonke ukuthi walala nomngane wayo waze wathola nengane.
Kunabantu besifazane asebephelelwe wunembeza, abangazi ukuthi badingani emhlabeni, njengalona engikhuluma ngaye.
Ubacabangela kanjani abakubo ngalesi senzo? Kumele sazi ukuthi yonke into oyenzayo inemiphumela yakhona. Lo sisi usevuna akutshalile. Akasoze akuthola ukuphumula, indoda yakhe izomshiya ngenxa yokuthi udalule amahlazo emhlabeni wonke.
Umngani wendoda yakhe naye usenkingeni ngoba abangani ngeke bephinde bemthembe.
Lo sisi sekumele aqhube le ngane ayiyise kubo kamngani womkhwenyana ukuze abadala bayibukisise kahle.
Sengivala, unembeza uyohleze uyinkinga, kawukwazi ukuzikhohlisa.
O’Brien Gcabashe
ENANDA