Mhleli: Ngicela ungiphe ithuba ngibeke umbono wami mayelana noMengameli uCyril Ramaphosa osethanda ukungixaka usuku nosuku.
Esakhankasa nangesikhathi engena embusweni uthembise ukuthi akasoze ayivumela inkohlakalo kodwa akwenzayo manje kuyaphikisana nalokho. Njengamanje umatasa nezivimbelo zokuvezwa kwemibiko yoMvikeli woMphakathi.
Engizibuza kona wukuthi uzosihola kanjani njengezwe uma engavulelekile ukuthi sazi ngaye kodwa ebe esihola. Wathi yena uzobusa ngendlela ecace njengamanzi athengwayo kodwa manje usenezimfihlo ezihambisana nohulumeni. Umengameli kufanele azi ukuthi akasenazo izimfihlo manje njengoba engumholi wabantu.
Izimfihlo anazo ezasekamelweni kuphela, okunye kufanele sikwazi konke njengezakhamuzi. Uma engakufuni lokho akaphume ekuholeni abantu.
Iminikelo ayitholile sidinga ukuyazi yonke njengoba kukhona neyakwaBosasa.
Inkulu nale mali ayichithe ekhankasa ngaphakathi eqenjini nje kuphela. Sekuyangicacela manje ukuthi bayabathenga laba ababavotelayo ngaphakathi eqenjini. Ukuvikela kwakhe uNgqongqoshe uPravin Gordhan kuyinkomba yokuthi akaqotho impela.
Nalokhu kunqoba kwakhe amacala oMvikeli woMphakathi kuyasolisa kukhomba ukungathembeki nokuchema.
B Khathi
ethekwini