MHLELI: Ngivumele ngibeke umbono wami mayelana nohlelo oluvezwa kumabonakude olubizwa ngoTatakho, lapho kusuke kufunwa ikakhulukazi ubaba wangempela wengane.
Zikhona izingane ezihlezi nobaba abangazizali kodwa abaziphethe kahle njengezingane abazizalayo, bese kuba khona izingane ezifika nomama emendweni kungezona ezasemshadweni. Kuphinde kube nezingane ezihlezi kahle zondliwa futhi zifundiswa ngobaba abangazizali kodwa futhi uthole ukuthi kwayona ingane yazi lo baba njengobaba wayo wangempela.
Wonke umuntu uyadinga ukwazi ubaba wakhe, noma ngabe usashona noma ngabe usaphila. Kunezingane namuhla ezakhuliswa ngobaba abangazizali okunamuhla ziphila kamnandi ngoba zakhuliswa kahle.
Kunezingane ezihlukunyezwayo kumanje okuthiwa, "Wena kawusiyena owalapha ekhaya, hamba kini!" Uthole ukuthi ingane kayilazi elinye ikubo yazi lapha, kanti umndeni usuyibukisisile, wazanelisa ukuthi kakusiyona eyalapha ekhaya.
Kwesinye isikhathi izithandani ziyavumelana ngokuba nemfihlo lapho indoda izothatha unina nengane yakhe, bavumelane ngokuthi lolu daba kuzokuba ngolwabo bobabili.
Ngesinye isikhathi uma ingane ikhula iye ifune usiko lwakubo. Yilapho ke iye igule noma kube khona izinto ezingahambi kahle kuyona, igcine isiya kulaba okuthiwa bayabona, abanye ke kuye kuthiwe bayabona kanti kababoni.
Iqala lapho ke inkinga, ufike umntwana atshelwe lokho namuhla kusasa atshelwe okuhlukile, ekugcineni bese ehlasela umama wakhe. Umama uhlaselelwa ukuthi kungani engalikhulumi iqiniso achazele ingane ukuthi ingeyakwabani? Uthole abanye sebeludlulisela udaba kuTatakho!
Yilapho ke ingane ithola amahlazo kamama wayo ukuthi walala namadoda amangaka, kanti futhi akayazi okuyiyona eyamkhulelisa. Nakhona lapho kuyenzeka amadoda awakhumbulayo umama ukuthi waya nawo ocansini abe mathathu, nakhona lapho uthole ukuthi imiphumela iyawaphika la madoda amathathu.
Kwesinye isikhathi omama bezingane bayalala namadoda ahlukene bese kuthi uma esekhulelwe abheke indoda engakwazi ukondla ingane bese ethi iyona ke ubaba wengane. Abesifazane bajwayele uma kuzikhulunyelwa nje bese bethi bayamazi bona ubaba wengane, kodwa uma ulandela uhlelo uTatakho ugcina sewutholile ukuthi lokho akusilona iqiniso.
Uma ke imiphumela yamadoda amabili noma amathathu iyilandula ingane, ibe ibihlala futhi yazi ukuthi ubaba wayo yilona oshade nomama wayo, ishona kephi? Umama wayo ushona kephi? Ubudlelwane bengane nonina buba kuliphi izinga?
Kuhle ukuthola iqiniso kodwa elingeke futhi lakushiya nomlilo osuyokusha inguna-phakade! Uma singalandela ukuthi labo abaphikwe yimiphumela okusho ukuthi kumanje ababazi abobaba babo, baphila kanjani ke kumanje? Sizothola ukuthi isimo sibi kakhulu kunakuqala udaba lungakayi kuTatakho.
Kuyingozi ukufunwa kukababa yingane, kungcono kune ngubaba wengane oyifunayo. Nakhona futhi lapho, ake sicabange, sekuthiwa mina noma wena, kunobaba othi mina ngiyingane yakhe ngoba balala nomama wami, nomama avume ukuthi walala naleyo ndoda! Umama osekuvela ukuthi walala namadoda athize ekubeni eseshadile, angeke esahlala kahle emzini. Mhlawumbe nje selokhu lolu hlelo lwaqala baningi omama asebethuthile emizini yabo bahamba, ngoba vese bakhombise ukungathembeki. Kuyihlazo kakhulu ukuthi kwaziwe ukuthi ingane kamasibanibani akayazi ukuthi ingekabani!