MHLELI: Kwelakho elingathethi manga ngithi angithathe usiba ngilobe. Loku kungenxa yokuba ngibuka kabanzi izinto ezenzeka lapha ngaphandle. Inkinga isizwe esibhekane nayo kungenzeka ilapheke uma sikhuluma ngayo.
Aningisize webantu bakithi ningichazele ukuthi yini uma kushona umyeni wenkosikazi emndenini kusuke esikhulu isichitho abese engafunwa nalapho ehambe khona.Kwesinye isikhathi le nto uqala ukuyibona kungakangcwatshwa nokungcwatshwa. Uma kungebona odadewabo basemzini abazoyichapha ngenhlamba izozondelwa ukuthi umyeni ubenemali ngakho kumele aphelezelwe ngenkomo nebhokisi eliphambili nezibiliboco. Besho bengazi abomndeni noma ubeyibeka yini imali ebhange.
Kuyothi kuqedwa umakoti akasanakiwe. Sekuthathwa izinqumo ezinqala ngaphandle kwezwi lakhe. Kuyothi kuqedwa lokho wonke umuntu afune izinto zikamufi, kungaba yimfuyo, yizimoto noma umuzi. Lapho ingane yomuntu ayisenalutho yona kodwa kwesinye isikhathi nayo ifuna ukwenza ngendlela yayo ayisafuni nokubambisana nomdeni. Eminye imindeni ihlukana kanjalo unomphela, ingaphinde izwane.
Aningilekelele, yini ngempela omalokazana balwiswe kangaka? Wayetheni kanti umfundisi mhla ebahlanganisa?
Uzothola nokuthi umndeni usukhohliwe wukuthi uma lo muntu eseshonile kuhle ukuthi uma kuphuma imali yakhe kumele inkosikazi ikhulise izingane ngayo, hhayi ukuthi kulokhu kubangwa. Bakwethu imindeni ayiphathane kahle, akungasuki inzondo ngento engekho. Isizwe kumele sikhulisane ngendlela eyakhayo ukuze izingane zingabi nenzondo uma zizwa umlando wokuthi kwashona uyise kwahlakazeka umndeni.
Bonginkosi Ndlovu