MHLELI: Ngingathokoza uma ungangipha isiqeshana kwelakho kuyinyanga yamadoda nami ngiveze umbono wami noma ulwazi ngendoda ukuthi iyini.
Okokuqala indoda iyanakekela inothando. Indoda yilo muntu ozobeka umndeni wakhe phambili, yilo muntu ozothanda umkakhe noma lo athandana naye nezingane. Indoda iyahlonipheka konke ekwenzayo emphakathini akuhlambalazi. Indoda ayigqoki izicathulo ishintshe amapheya angafani ekubeni izingane ekhaya zifunda zingenazicathulo kwezinye izicathulo zitshekile izimpahla zigugile, ifunwa imali yesondlo sezingane ngenkani, cha akuyona indoda leyo wumfana nje osakhula.
Asingabi ngamadoda ngemikhaba, izimpandla nezintshebe kepha emindenini siyasatshwa ngoba siphenduka izilwane. Izwe lidunguzela kanjena nje yingoba sekukhona abantu abathi bangamadoda ngoba bangolizwi aliphikiswa yingakho kunje, yingakho sesikwazi ukulala nabantwana bethu, yingakho sesikwazi ukushaya abazali bethu sibabulale, sihlukumeza esithi siyabathanda. Sisebenzisa igama lendoda kabi.
Mpha Omnyama Shabalala
EMNAMBITHI