IMEYA yaseTheku, uNkk Zandile Gumede, isiyale abesifazane abazithwele kodwa bengazifuni izingane ukube banikele ngazo, bengazilahli.
Ukusho lokhu kade evakashele ingane etholwa epayipini ilahliwe eNewlands East, ngoMsombuluko.
“Namhlanje (izolo) sisesibhedlela sizobona ingane etholwe epayipini, unakekelwa odokotela nabahlengikazi. Usesimeni esihle. Uma kwenzekile wathola umntwana ungafuni ukumgcina, ungamlahli ngoba uyisibusiso. Sizomemezela izikhungo lapho ungaletha khona umntwana wakho lapha eThekwini,” kusho uNkk Gumede.
Kube nenhlokomo ngesikhathi abezimo eziphuthumayo namaphoyisa behlenga le ngane, okuthiwa izwakale ikhala epayipini elihamba amanzi.
Le ngane kuthiwa ibinamahora izelwe njengoba umzanyane ubungakanqanyulwa kuyo.
Kusolwa ukuthi unina uyibelethile wabe eseyifaka esitamukokweni, yagugulwa amanzi yaze yayongena kuleli payipi ehlengwe kulo.
Lokhu kutakula cishe kuthathe amahora amathathu nangaphezulu njengoba bekumele kumbiwe umgodi ozokwazi ukuthi bafinyelele epayipini ingane ebibhajwe kulo.
Njengoba sekuvakasha nemeya nje, le ngane isivakashelwe nanguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo. Ezinkundleni zokuxhumana bese ziqalile zingena izicelo zabantu abafuna ukuyikhulisa njengeyabo le ngane. Unina wale ngane ngokusho kwamaphoyisa ubengakatholakali kodwa kunecala lokuzama ukubulala elivuliwe esiteshini saseNewlands East, uphenyo lusaqhubeka.