KUBALULEKILE ukuhlolwa izifo ezivamile kubantu besifazane okubalwa kuzo umdlavuza wamabele nezinye zingakaqali.
UDkt Sanele Madela, ophethe umtholampilo iPomeroy Community Health Centre owafundela ubudokotela eCuba, uthe kubalulekile ukuthi abantu besifazane bakukhuthalele ukuvakashela odokotela babo noma bengaguli ukuze bagweme ukuqala kwezifo ezivamile kubona.
UMadela, uhlelo lwabo lokufunda lwaseCuba oluncike kakhulu ekugwemeni izifo kunokuzelapha ngoba sezihambe kakhulu, uthe abanye abantu bavame ukuya kudokotela noma ezikhungweni zezempilo ngoba sebegula kakhulu kokunye ingasekho into engenziwa ukubuyisela isimo sempilo yabo kwesijwayelekile.
UMadela uthe uyakukhuthaza ukuthi abantu besifazane bazazi izifo okufanele bahlolwe zona nokuthi kufanele bahlolwe njalo emva kwesikhathi esingakanani.
Uthe kubalulekile nokuthi bazijwayeze ukuyozwa kodokotela ukuthi ngabe yini okufanele bayiqaphele ukuze babe sesimeni esifanele ngokwempilo.
Nazi ezinye zezinto athe kubalulekile ukuthi abesifazane bazibheke:
Ukuhlolwa umdlavuza webele
Ngokusho kophiko olugcina imininingwane ngezinhlobo ezehlukene zomdlavuza kuleli, iNational Cancer Registry (NCR) yango-2014, lo mdlavuza ubungeminye yemidlavuza emihlanu ehamba phambili ekukhahlamezeni abantu besifazane.
ICancer Association of South Africa (CANSA) ithe balinganiselwa ku-19.4 million abesifazane abaneminyaka engaphezu kwengu-15 abazithola besengcupheni yokuthola umdlavuza webele.
UMadela uthe kubalulekile ukuthi abantu besifazane bakusukumele ukuhlolwa lo mdlavuza ikakhulu uma kuke kwaba khona abantu abake baba nawo emndenini noma kukhona owesilisa obe nomdlavuza owande kwabesilisa umdlavuza wamankwahla.
Kubalulekile nokuhlolwa ubheke ukuthi azikho yini izimila ezisemabeleni ngokuthi uwapotoze amabele nokuthi alukho yini uketshezi olusolisayo oluphuma kuwona. Ngaphandle kwalezi zindlela abasebenzi bezempilo banezinye izindlela abazisebenzisayo okubalwa kuzo i-mammogram ne-ultrasound.
Umdlavuza womlomo wesibeletho:
Abanye abantu besifazane bagcina ngokwenza i-pap smear ngesikhathi bekhulelwe
kuphela - abakukhuthalele ukwenza lolu hlobo lokuhlolwa olungenza umehluko ekutheni kusheshe kuvele uma kukhona okungahambi kahle emlonyeni wesibeletho.
UMadela uthe abantu besifazane abaneminyaka engaphezu kuka-21 bayagqugquzelwa ukuthi bayenze i-pap smear.
Ngokwemininingwane yeMayo Clinic kufanele abesifazane abaneminyaka esuka kwengu-21 kuze kufinyelele kwengu-65 bayenze njalo emva kweminyaka emithathu i-pap smear kodwa bangavumelana nodokotela ukuthi yisiphi isikhathi okufanele basilinde ukuze baphinde bahlolwe.
Ngaphandle kwemidlavuza eyahlukene uMadela uthe kuyasiza nokuhlolwa ezinye izifo ezivamile kubantu ngenxa yendlela abaphila ngayo engabeka impilo yabo engcupheni. Ubale isifo sikashukela, umfutho ophezulu wegazi nezinye.
Kulolu hlobo lokuhlolwa uthe udokotela uphinde abheke nesisindo somzimba womuntu ukuze abone ukuthi akekho yini engcupheni yokungenwa yilezi zifo ngenxa yokukhuluphala ngokweqile.
Izibalo zombiko weStatistics South Africa (Stats SA) zango-2016 ziveze ukuthi baningi kakhulu abantu besifazane abakhuluphele ngokweqile kuleli.
Ngokwalezi zibalo balinganiselwa ku-70% abantu besifazane abakhuluphele ngokweqile uma kuqhathaniswa nabesilisa (31%) eNingizimu Afrika. Lokhu kubabeka engcupheni yokungenwa yizifo ezahlukene.
UMadela uthe kubalulekile ukubheka iBody Mass Index (BMI) okuyindlela engakwenza ubone uma kufanele wenze okuthile ukwehlisa isisindo somzimba.
Uma kubhekwa iBMI kusuke kubhekwa isimo somzimba womuntu ngokubala ukuthi isisindo sakhe siyahambelana yini nobude bakhe.
“Uma iphakathi kuka-20 no-25 usuke unesisindo esifanele kodwa uma ingaphezu kuka-25 usuke usukhuluphele ngokweqile,” kusho uMadela.
Uthe isisindo somzimba sibalulekile ngoba singaba nomthelela nakwezinye izinto ezingathikameza umuntu njengoba kwabanye abantu singagcina siholele ekutheni bagcine benokhwantalala ngenxa yokukhuluphala kakhulu.
Uthe abantu abafani kukhona labo okuthi uma bekhuluphele kakhulu bazithole sebezinyeza ngakho baze bagcine sebenokhwantalala kanti kukhona abangenandaba nakho. Kubona bonke uthe kubalulekile kodwa ukuqinisekisa ukuthi isisindo somzimba asikubeki engozini yokuthi ungenwe yizifo ezingathikameza impilo yakho.
Uthe okunye okufanele abantu besifazane bakuqaphele ukunakekela ngendlela isitho sabo sangasese waze waveza ukuthi ngenxa yengcindezi abazithola bekuyona abanye bagcina besebenzisa izinto ezingalungile esithweni sabo sangasese ngenhloso yokusigcina sihlanzekile.
Uthe abanye basebenzisa lezi zinto ngoba benezingcindezi ehambisana nezocansi, kwabanye kusuke kungenxa yokugwema ukukhulelwa nokunye.
Wexwayise ngokuthi lezi zindlela zokuzama ukuhlanza isitho sangasese yizona ezigcina zibeke abesifazane abaningi engozini yokungenwa wumdlavuza wesibeletho nezifo ezithelelana ngokocansi.
Uthe isitho sangasese somuntu wesifazane asidinge kuhlanzwa ngensipho eyisipesheli nezinye izinto esezivame ukusetshenziswa kusona ngoba siyazihlanza sona ngokwemvelo.