LUSEYINSELELO uhlelo lokuqoqwa kwemali yamanzi nogesi eThekwini ngenxa yokungabibikho kwendlela eqondile yokufundwa kwamamitha.
Inkinga iholela ekutheni ezinye izakhamuzi zikhokhiswe imali enkulu ngamanzi nogesi.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe sekunesikhathi ikhona inkinga kodwa ikhona imizamo umasipala ayenzayo ukuzama ukuthola isisombululo.
Uthe ukuvuza kwamapyipi amanzi kuyaye kuholele ekutheni kwengezeke isikweletu samanzi.
“Asikwazi ukukhokhisa umuzi ohlala abantu abane imali engakhokhiswa ifemu enkulu. Sesinohlelo lokufundwa kwamamitha amanzi nogesi zinyanga zonke. Bekwenziwa njalo emva kwezinyanga ezintathu.”
Uthe phambilini ubuphansi umdlandla wabasebenzi bomkhandlu okudalwe wukungabi bikho kozinzo eThekwini.
Uthe manje ubuyise isiko lokungaphuthi emsebenzini kwabasebenzi, kuqedwe ubudedengu babo uma benza umsebenzi kwaqiniswa nendlela yokuphatha.
UKaunda uthe seluyaphothulwa uhlelo lokuqokelwa ezikhundleni ezifanele kwabasebenzi amakhono abo omsebenzi asetshenziswa endaweni engafanele.
USomlomo, uNkk Weziwe Thusi, uthe bazoqinisa umthetho eminyangweni kamasipala engafuni ukuhambela imiphakathi iyoyethulela ngezinhlelo zentuthuko.
UKaunda noNkk Thusi bebekhuluma emhlanganweni wabaholi bakazwelonke, abesifundazwe nabakaMasipala weTheku izolo eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) izolo.
Bekubhungwa ukusebenza ndawonye kwezinhlaka ezinthathu zikahulumeni ngaphansi kohlelo iDistrict Developmet Model (DDM).
Ngokwalolu hlelo uma kuthuthukiswa indawo abafaka amanzi, ugesi, abakha imigwaqo nezindlu basebenza ngokuhlanganyela.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zobuHoli boMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe bebezobheka ukuthi njengoba babeseThekwini kwethula iDDM nyakenye, sebekuphi manje.
“Sizobheka ukuthi yikuphi la esesiqhubekele khona phambili nalapho kunezinselelo ezidinga sihlanganise amakhanda sizixazulule,” kusho Dkt Dlamini Zuma.
Uchaze iTheku ngedolobha elibalulekile KwaZulu-Natal wathi umuntu oyedwa kwabathathu KwaZulu-Natal uhlala eThekwini.
“ITheku liwumgogodla womnotho waKwaZulu-Natal. Linolwandle, linomhlaba omningi ovundile ongalinywa. Sizobheka ukuthi iTheku lizokwenza kanjani ukuthi lenze zonke lezi zinto elinazo zisebenzele abantu kwakheke umnotho, imisebenzi futhi kuthuthuke imiphakathi.”
Ngesikhathi eseThekwini ngonyaka odlule, ungqongqoshe wathola izikhalo zomphakathi ngohlelo lokuqoqwa kwezikweletu zikagesi namanzi ukuthi luqopha iminingwane eshaya eceleni.
Kwavela nokuthi kudala iTheku belakhela abantu izindlu eziwu-16 000 ngonyaka manje selakha eziwu-4000.
UNGQONGQOSHE uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ekhuluma emhlanganweni obuse-ICC eThekwini mayelana nokuthuthukiswa kwezinhlelo zokuhlinzekwa kwabantu ngentuthuko nemisebenzi
Isithombe:
Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)