IQEMBU lezepolitiki i-IFP, KwaZulu-Natal selinxuse uhulumeni ukuthi amemezele uThongathi, eThekwini, olukhahlanyezwe yisishingishane njengendawo yenhlekelele.
Isishingishane esinamandla esihlasele esifundazweni ngesonto eledlule, sishaye kwazwela oThongathi kwacekeleka phansi imizi elinganiselwa ku-2 000, kwathi abantu ababalelwa ku-8 000 basala dengwane.
UMnuz Les Govender, oyilungu le- IFP esiShayamthetho, usenxuse uMphathiswa eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal uNkk Bongiwe Sithole-Moloi noNdunankulu kulesi sifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuthi bamemezele indawo yasoThongathi njengeyehlelwe yinhlekelele. Bangu-12 abantu okuthiwa badlule emhlabeni.
“Emva kokuhambela ezinye izindawo ezikhona oThongathi okuyiSandfields, Faibreeze, Magwaveni, Newtown, Sea Tides, Greylands nakwezinye, kubonakele ukuthi zikhahlamezekile, ngakho sikholelwa ukuthi uhulumeni kumele anikeze okokufihla amakhanda ngokushesha emphakathini osale ungenamakhaya. Le nhlekelele eyenzeke oThongathi iveze ubuthaka ngasekulungiseleleni ukubhekena nezimo ezifuze lezi nokuhlela nje ngokubekwa kwezakhiwo,” usho kanje.
Uthe kufanele kube namaqhinga okungenelela ezimeni ezinjengalezi, kungaba athinta imvelo noma noma ingqalasizinda ukuqinisekisa ukuphendula ngokushesha uma kwehla umshophi nokugwema ukubambezeleka.
Le nhlekelele idale ukuphazamiseka kokuhanjiswa kwamanzi nokuphakelwa kukagesi kodwa iMeya kuMasipala weTheku, uMnuz Molisi Kaunda ebihambele khona ngoLwesihlanu, iqinisekise ukuthi abasebenzi baphansi phezulu ukubuyisela isimo kwesejwayelekile.
Okhulumela uphiko lwezibonelelo zikahulumeni, i-South African Social Security Agency KwaZulu-Natal, uNksz Sandy Godlwana, uthe u-R4 968 700 yimali esetshenziswe wuphiko ukwelekelela abehlelwe yinhlekelele oThongathi.
“Abasebenzi bamatasa ukuqinisekisa ukuhlinzeka ngokudla okuphekiwe nsuku zonke, kubagilwa abangu-2001, ukuhlinzeka ngezingubo zokulala, izimpahla zezingane, omatrasi nokunye okubalulekile, ” kusho uNksz Godlwana.