YEHLISIWE esikhundleni iMeya kaMasipala waseMtubatuba, uMnuz Qhina Mkhwanazi esanda kubhikishelwa ngabasebenzi bomkhandlu ngoba beyisola ngenkohlakalo ethinta ithenda yonogada. UMkhwanazi manje kuthiwa usezoba yikhansela eliyilungu lesigungu esilawula umkhandlu.

UMkhwanazi ujikelwe ngamalungu eqembu lakhe le-IFP asebenza emkhandlwini ngemuva kokukhishwa kwethenda yonogada okuthiwa unikwe inkampani esebenzisa omakadebebona boMkhonto weSizwe. Ngaphandle komsindo ngendaba yethenda, uMkhwanazi ubephinde asolwe ngokuthatha izinqumo ngaphandle kokuvumelana nekhokhasi yeqembu emkhandlwini.

Isolezwe linawo umqulu oqukethe zonke izinsolo ezibhekiswe kuMkhwanazi. Leli phephandaba libike kabanzi ngodaba lukaMkhwanazi kusukela ebhikishelwe ngabasebenzi bomkhandlu, nangesikhathi kusabalala imibiko ethi ukhonjwe indlela ngeledlule.

Obhekelele ukusebenza kwemikhandlu elawulwa yi-IFP, uMnuz Mfanje Mbango ucashunwe ekhuluma ohlelweni lwezindaba Ezanamuhla oKhozini FM, ethi njengeqembu lebhola neqembu lezepolitiki liyamshintsha umdlali obonakala engenzi kahle enkundleni lifake omunye ozokwenza umehluko.

UMbango uthe noMkhwanazi ubengenzi kahle, yingakho bemkhipha kwesobumeya.

Isikhala sikaMkhwanazi kuthiwa sizovalwa ngoMnuz VM Gumede oyikhansela elisekomitini elilawula umkhandlu eMkhanyakude.