UKUGUQUGUQUKA kobufakazi obethulwe ngomunye wofakazi ngesigameko sokubulawa ngokungqongqiswa kwabathathu, eNkanini, eCato Manor kugcine kuphoqa iJaji kuleli cala ukuba lizifikele mathupha endaweni yesigameko.
IJaji uMahandra Chetty kuvele ukuthi lihambile nethimba lalo beyobona lapho okwenzeka khona isigameko.
Kuvela ukuthi ngoJanuwari 25, 2022 kwagasela abantu abayisithupha endlini lapho okwakuhlala khona abesilisa abathathu ababesolwa ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi.
Kuthiwa bakhishwa endlini bafakwa emotweni bangqongqiswa bephila.
Kulesi sigameko kwabulawa oMnuz Phumlani Tshekele, Numkile Mfenqe noRefilwe Mokoena.
Babesolwa ngezigameko zokudlwengula nokudayisa izindlu zabantu ngodli.
Ngemuva kwesigameko kwaboshwa oMnuz Bangomniseli Khondlo (41) odume ngelikaJomo, Vusimuzi Mazula (46), Thandekile Penelope Sithuntasa (37), Siphenathi Zoko (28), Mfanafuthi Muzi Masikane ( 37) noScelo Thusi (39).
Selokhu kuqaliwe ukuqulwa kwecala kunofakazi ozichaza njengowayekhona ngosuku lwesigameko. Igama lakhe ligodliwe ngenxa yezizathu zokuphepha.
Kodwa okuqaphelekile enkantolo ukuthi ukhuluma aphinde aziphikise. Kokunye athi wabona aphinde ashaye ungqimphothwe athi okunye akakubonanga.
Yikho lokhu okugcine kuphoqa iJaji ukuba lizifikele mathupha endaweni yesigameko.
"Bekumqoka ukuba ngihambe ngifike endaweni yesigameko ngoba bekukuningi ukudideka uma ufakazi efakaza," lisho kanje.
Phakathi kwezinye zezizathu okuvela ukuthi zigcine zidala ukuthi iJaji liye endaweni yesigameko ukuthi ufakazi uthi wakubona konke okwakwenzeka ngosuku lwesigameko ekubeni wayebuqamama.
Kuvela ukuthi ngesikhathi sesigameko ufakazi wabaleka wangena ehlathini, waqhela ngebanga endlini lapho okwathathwa khona ababulawa.
IJaji liye endaweni yesigameko lifuna ukuzibonela mathupha ukuthi kule ndawo ufakazi athi wayekuyona kwakungenzeka yini ukuthi abone konke okwakwenzeka.
Belifuna nokubona ukuthi ikude kangakanani inkundla yezemidlalo ufakazi athi wadlula kuyona ngesikhathi ebaleka.
Yize selibuya khona endaweni yesigameko kodwa ufakazi ubesaqhubeka nokulidida iJaji.
Icala liyaqhubeka.