ISWELE imilomo yokubonga intsha eneziqu eduve nazo emakhaya emuva kokuba uMnyango wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uyinike ithuba lokusebenza.
Intsha engu-25, eneziqu zomthetho nenye ezokwenza ucwaningo, ifakwe ohlelweni lweminyaka emibili lomnyango lokulekelela amaphoyisa ekulweni nobugebengu.
Le ntsha izotshalwa esifundazweni sonke, ihlwaye ulwazi emiphakathini, iqinisekise ukuthi zithathwa ngendlela efanele izitatimende, amadokodo ahlanganiswa kulandelwa umthetho futhi isize ekutheni inkantolo igojele izinswelaboya.Izolekelela nabagilwa ngamasu azokwenza ukuthi kube lula ukwethulela amaphoyisa nezinkantolo ubufakazi.
Le ntsha ihlangane noNgqongqoshe uNkk Peggy Nkonyeni ehholo lomphakathi laseMkhumbane, eChesterville.
UNtokozo Dimba waseMariannhill (24), oneziqu zomthetho, ubonge uNkk Nkonyeni ngethuba emuva kokungasebenzi isikhathi eside.UDimba uthe leli thuba lizobavulela neminye iminyango futhi uma besebenza kahle kuzosizakala abanye abaneziqu abeza emuva kwabo.
“Okwethu ukuzimisela kakhulu emsebenzini. Imisebenzi ayisekho yonke indawo ngakho kumele silisebenzise kahle leli thuba,” kusho uDimba.
UNksz Thobile Mbanjwa (29) waKwaXimba, oneziqu zeMasters kwiCriminology and Forensic, uthe uzobe enza ucwaningo elekelela amaphoyisa.
USiyabonga Mtshali (27) waseMtuba, oneziqu zomthetho, uthe ulithakasele ithuba alinikwe umnyango elizomenza asebenzise ulwazi analo asize umphakathi.
“Sizosebenzisana namaphoyisa siqinisisekisa ukuthi umthetho uyagcinwa ngaso sonke isikhathi. Alikho ithuba engilijabulela njengaleli lokuba yingxenye yabantu abazokwenza imiphakathi esiphila kuyona iphephe futhi ivikeleke njalo,” kusho uSiyabonga.
“Ngilijabulele kakhulu ithuba enginikwe lona kwazise umkhakha engikuwona awunawo amathuba amaningi eNingizimu Afrika. “Ukuba seqoqweni lokuqala kulolu hlelo lomnyango kungijabulisile,” kuqhuba uSiyabonga.
UNkk Nkonyeni uthe basiza intsha ekutheni iqeqeshwe ikhanyiseleke ngomsebenzi ewufundele.
Kulo mbuthano wezinsuku ezimbili kukhona abamele umnyango, amaphoyisa, iNational Prosecuting Authority, izifundiswa nabacwaningi basemanyuvesi abakhanyisela intsha.