SEKUWUMKHUBA ojwayelekile ukuzwa ukuthi kunomzalwane noma umfundisi osolwa ngokudla umnikelo webandla elithile.
Lokhu kugcina kuthela amabandla ngehlazo, ngoba imvamisa yalaba bantu abasolwa ngalokhu, basuke benezikhundla emabandleni abakhonza kuwo nokwenza kungabi lula ukuthi babone abazalwane uma sebexhaphazeka. Inhlangano ebhekele ukusebenza kwamabandla iKwaZulu-Natal Council of Churches nayo ike yakuveza phambilini ukuthi sekukaningi ithola ngalezi zigameko emabandleni ahlukene.
UMengameli wale nhlangano uDkt Lucas Ngoetjana, uthi kunanoma yiliphi ibandla kumele kube nekomidi elinabantu ababhekela ukusebenza kwebandla kanjalo nomnikelo walo.
UDkt Ngoetjana uthi lokhu kusiza ekutheni ibandla likwazi ukuhlala lihlangane licubungule amabhuku alo ukuthola imali eselinayo esikhwameni kanjalo nesisebenzile.
“Kuyenzeka kula mabandla esimanje uthole umfundisi ebhekele zonke izinto ebandleni. Ngisho nomnikelo uthole uqoqwa nguyena kulezi zinkonzo esezigcwele manje. Kodwa ngokomthetho kusungulwa ikomidi ebandleni bese nemali ihlukaniswa ngokwezidingo zayo.
“Kuyaye kubhalwe phansi nemali esele emva kokuba ibandla selikhokhele indawo elikhonzela kuyo lenza nezidingo zalo,” kusho uDkt Ngoetjana.
Uqhube wathi abazalwane banelungelo lokwaziswa ngomnikelo wabo ukuthi usebenze kanjani.
Uthe lokho akusho ukuthi banokholo oluncane kodwa kuyasiza ukugcina nomlando webandla umuhle.
Ukuhlala isikhathi eside umuntu engalandelwa ngemali yomnikelo, nakho kungamenza angene esilingweni sokuyisebenzisela izinhloso zakhe.
Okunye Okumele ibandla
likwenze ukuvikela umnikelo:
-Uma kuyibandla elikhulu igatsha ngalinye alibe nomgcinimafa walo. Emabandleni amakhulu akumele kubekwe umuntu oyedwa ozogcina imali yebandla.
-Ayibalwe imali yomnikelo bese kubhalwa phansi ngaphambi kokuthi ihlanganiswe nendala.
-Uma ifakwa ebhange akube khona ubufakazi obuphathekayo nobuzogcinwa mayelana nokusebenza kwayo.
-Kulaba abathengela abazalwane ukudla akube nobufakazi benani legilosa ethengwayo ukuze kwaziwe ukuthi imali yenzeni.
-Ikota nekota yonyaka kufanele kube nomhlangano wokuchaza kabanzi ngemali esisebenzile nesalondoloziwe ebhange.
-Imali ekhokhela indlu kwabarentayo, ugesi, amanzi, unogada nezinye izidingo eziqondene nebandla, nayo kumele ibe nobufakazi neziliphu eziwubufakazi bokuthi kuyakhokhelwa ngempela.