UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe basamile kwelokuthi iMeya yaseCape Town, uNkk Patricia de Lille, kufanele ehle esikhundleni kungene ubuholi obusha.
UMaimane uthe iDA kuMasipala waseCape Town ihlukene kabili.
“Yisikhathi sokuthi sibe nobuholi obusha eCape Town obuzobuyisa ithemba emalungwini eDA. Sifuna ubuholi obuzohlanganisa inhlangano ngoba isihlukene phakathi ukuze sinqobe ukhetho lonyaka ozayo,” kusho uMaimane.
UMaimane ubekhuluma nezintatheli izolo mayelana nezinqumo ezithathwe emhlanganweni wobuholi obuphezulu beDA obungempelasonto.
UNkk de Lille uyaphenywa ngamacala enkohlakalo kuMasipala waseCape Town.
Usolwa ngokungalandeli umthetho nokuziba ukwephulwa komthetho obekwenziwa yizikhulu eziphezulu.
Usolwa nangokuziba isimo sokulahleka kwemali ngesikhathi kunezingxoxo ngenkontileka yamabhasi kaMasipala waseCape Town abizwa ngeMyCiTi.
Kukhona usomabhizinisi waseGauteng osola uNkk de Lille ngokuzama ukumfuna intshontsho lika-R5 million ukuze anikwe inkontileka kuMasipala waseCape Town.
UMaimane uthe bazosonga uphenyo lwabo maduze kodwa okwamanje bazoqhubeka nokuphakamisa ukungabuthembi ubuholi bukaNkk de Lille.
“Njengoba nazi ubuholi obuphezulu beDA bebuxoxisana ngaleli voti lokungabethembi ubuholi bukaNkk de Lille lizokwenzeka ngoLwesine. Sidinga ukubumba inhlangano, sibuyise ithemba kubantu ukuze sithole imiphumela emihle okhethweni lwangonyaka ozayo,” kusho uMaimane.
Uthe kubalulekile ukuthi iDA ivotele ukungabethembi ubuholi bukaNkk de Lille yize kuyisinqumo esinzima.
UNkk de Lille ufake isicelo eNkantolo eNkulu yaseKapa sokuvimba ubuholi obuphezulu beDA ukuthi buyalele amalungu kaMasipala waseCape Town ukuthi avote kanjani.
Icala lizolalelwa namhlanje enkantolo.