ZIYIKHALELE intokazi ekhwele yadilika esikhulwini se-ANC KwaZulu-Natal esiphinde sibe yilungu lesiShayamthetho uMnuz Jomo Sibiya, isisola ngokuphika ingane yaso.
USibiya oyilungu lesigungu esiphezulu kuKhongolose esifundazweni, ubhale kwiFacebook ephawula ngohlelo Utatakho oludlala kuMzansi Magic 161 njalo ngoLwesibili.
Lolu hlelo lusiza abantu ukuba bathole oyise babo. USibiya ubhale ukuthi: “UTatakho ukwenza ucabange ukuthi ulibofuzo luyadingeka impela ukuze izinto zicace.’’
Uziqhwandele ulaka lwentokazi evele njengoSnokwanda Ndlovu ekhwele yadilika kuyena.
“Ulibofuzo luzocacisa konke, mina ngimi ngomumo ngoba ingane angikaze ngiyiphe abanye obaba njengoba ngisho.
“Ingane ngeyakho Jomo Ntuthuko Mbongiseni Sibiya waseNquthu,’’ kubhala le ntokazi wiFacebook. Isolewe ngeSonto lihoshe ukuthi uSibiya wake waba nobudlelwane nale ntokazi bagcina bebanga indaba yesisu.
Ethintwa ngalolu daba, uSibiya uvele wababaza wathi ucela ukubuye athintwe, aphawule kahle ngoba usematasa kodwa wagcina ecela ukuba kuthintwe ummeli wakhe.
USibiya onguSihlalo weKomiti lezeMfundo, ulufake kummeli wakhe udaba kwayiwa enkantolo beyofuna incwadi evimba ukuthi intokazi ingabe isamhlupha uSibiya.
Konke lokhu kulandelwe wukuboshwa kwayo le ntokazi isolwa ngokwephula imibandela yencwadi yenkantolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi ukhona owesifazane oboshwe maqondana nalolu daba.
“Owesifazane oneminyaka engu-22 uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNquthu ebhekene necala lokuphula imibandela yencwadi yenkantolo.
“Ummangali uthi umsolwa wayeyalelwe ukuthi ahlukane nommangali kodwa yena waqhubeka wabhala ngaye ezinkundleni zokuxhumana,’’ kusho uColonel Mbele.
Ummeli kaSibiya, uMnuz Mondli Thusini weBM Thusini Attorneys, uvumile ukuthi lukhona udaba olusenkantolo phakathi kwekhasimende lakhe uSibiya nowesifazane thizeni.
“Asikwazi kodwa ukuphawula ngemininingwane yodaba uma lusaxoxwa enkantolo,’’ kusho uThusini ngamafuphi.
Imizamo yokuthola ummangalelwa ayiphumelelanga, ushayelwe kaningi ucingo lwakhe lungangeni, washiyelwa imiyalezo nangoWhatsapp nakwiFacebook kodwa akazange aphendule.