NOKUBONGWA PHENYANE
IZOQALA ngo-Okthoba 5 i Big Brother Africa abalandeli bayo abaphoxeka ngesonto eledlule ngemuva kokuthi indlu obekuzohlalwa kuyo ishe yangqongqa.
Emasontweni amabili adlule abakwa-Endemol nabakwaM-Net, okuyibo abadidiyela i Big Brother, bamemezele ukuthi ngeke isaqala ngoSepthemba 7 ngenxa yomlilo.
Lokhu kwaphoxa abalandeli abase beyilinde ngabomvu.
UMichelle Esau, okhulumela abakwaMultichoice, uthe ngemuva kokuzikhandla bagcine beyitholile indlu okuzohlalwa kuyo ku-Big Brother.
“Siyajabula ukusho ukuthi uhlelo luyaqhubeka ngeke lusaphinde luphazamiseke. indlu itholakale khona eGoli,” kusho UMichelle.
Uthe ngemuva kokusha kwabhekwa ukuthi lolu hlelo luzoqoshwa kuphi njengoba kwase kuphuthuma.
“Sibheke ngisho kwamanye amazwe phesheya kwezilwandle nase-Afrika kodwa sagcina singayitholanga kwaphoqa ukuthi sibuye eGoli,” kuchaza UMichelle.
Uthe babonga bonke abalandeli bohlelo e-Afrika yonkana ngokubabekezelela.