BAPHUME ngebheyili kaR1000 umuntu emunye entathakusa izolo abangu-32 ababoshwe ngesikhathi amaciko ebhikisha kuthelawayeka uN3 ngoLwesithathu ekuseni.
Bashaqwe bavalelwa esiteshini samaphoyisa eWestvilleOkhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe bazovela enkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesithathu.
Phakathi kwababoshiwe kubalwa nomculi uNaima Kay, umsakazi weGagasi FM uKhaya Dladla, owayengumlingisi woZalo uNocxy Mabika, umculi uSandy B, Benzy, Character nomfowabo uDJ Mngani, Noma Khumalo owanqoba ama-Idols, DJ Boonu, My Lord nabanye.
Baphume belindwe ngoT’zozo, DJ Sox, Chynaman, Mdu Ngcobo nabanye abebelokhu besesiteshini samaphoyisa beyozwa ukuthi kwenzekani.
USihlalo womfelandawonye wezinyunyana zamaciko iCultural & Creative Industries Federation of South Africa KwaZulu-Natal, uT’zozo uthe uyajabula ngoba bagcine bededeliwe.
“Ebesikwenza kwesekwa ngamaciko akwezinye izifundazwe ezinkundleni zokuxhumana kukhombisa ukuthi izikhalo akuzona ezaseKZN kuphela,” kusho uT’zozo.
Uthe bazodlulisa incwadi yezikhalo ehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa.
“Siyaxolisa kwabaphazamiseke emgwaqweni, ngeke siphinde,” kuphetha uT’zozo.
Imashi ebibizwa nge-#OperationVula bekungeyokunxenxa uRamaphosa ukuthi avule imicimbi ukuze basebenze ngoba bakhala ngendlala.