NKOSIKHONA CELE
Ligubhe ukuhlanganisa iminyaka engu-66 laba khona ibandla, iHoly Sabath Church of God in Zion elaziwa kakhulu ngeleMighty Christian.
Leli bandla lasungulwa ngo-1958 ngu-Archbishop Lazarus Swazi Kunene ongasekho emhlabeni.
Njengamanje seliholwa nguMbhishobhi Sibongiseni Kunene oyindodana kamsunguli webandla.
Linamagatsha amaningi KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
UMbhishobhi Kunene ophinde abe nguthishanhloko waseQiniselani Primary School eMbumbulu, uveze ukuthi leli bandla kokunye elikubeka eqhulwini wukubaluleka kwezemfundo kubantu abasha.
"Siyakholelwa kakhulu ekutheni njengoba ibandla lihlanganisa iminyake ngu-66 kumele indaba yezemfundo ibekwe phambili ngaso sonke isikhathi.
“Lokhu sikholwa ukuthi kungasilekelela kakhulu ukuze sibe nebandla elinabantu abasha abanekusasa eliqhakazile,'' usho kanje.
Okunye akubalulile wukukhuliswa ngendlela efanele kukaSontosikole waleli bandla.
Usebenzise amagama esiZulu athi ugotshwa usemanzi. Wathi ngalokho uzama ukuveza ukuthi kumqoka kangakanani ukuthi leli bandla lenze isiqiniseko esikhulu sokuthi libakhulisa ngendlela efanele abantwana abancane.
Phakathi kokunye athe bafuna ibandla ligxile kakhulu kukhona, wukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
"Kumqoka ukuthi leli bandla kusuka manje kuya phambili libonakale kuba khona elikwenzayo ngenhloso yokunqanda isihlava sokuhlukunyezwa kwamantombazane nezingane,'' usho kanje.
UMbhishobhi Kunene uganwe nguNkk Thabisile Kunene (uMaCele).