USUKU lobaba wusuku olukhethekile lapho kuqhakanjiswa ubuhle babo emhlabeni wonke. Lapha kusuke kuyithuba elihle lokukhombisa uthando wonke umuntu owubaba empilweni yakho, kungakhathalekile ukuthi uyakuzala noma cha, umalume, umkhulu noma ubaba ongumakhelwane odlale iqhaza elibalulekile empilweni yakho.
Lolu suku lugujwa ngezinyanga ezihlukene emazweni ahlukene ngokuhambisana nezinkolo namasiko ahlukene. Njengosuku lomama, lolu suku luthakaselwa kakhulu emindenini ngezipho, ukudla okumnandi nokujabula ndawonye.
Yize kuthiwa isipho siphuma enhliziyweni kodwa obaba bathi sebekhathele yizipho zemihla ngemihla (amasokisi, uthayi, izinkomishi namakhadi).
Abezitolo zezipho bakhuthaza kakhulu ukuthi kwenziwe ibhokisi elinezinto ezahlukene ukuze bajabule obaba.
UNosipho Khuzwayo, weKasi Foodz and Events, uthi awudingi ukuba nemali eningi kodwa udinga ukuhlakanipha nobuciko. “Thatha ibhokisi lakho elihle lezicathulo ufake isithombe esenziwe kahle, inkomishi, amasokisi, uswidi wohlobo lwe-menthol, iwashi nesikhwama semali.”
Uthi kuya ngamandla akho ukuthi ungafaka izinto ezingakhi ebhokisini ukuze libukeke lilihle.
Uthi esikhathini samanje abantu bathanda izinto ezibhekiswe ngqo kubona. Lokhu kusho ukuthi ungathenga isikhwama semali namasokisi, uye lapho abhalwa khona ubhale igama likababa nomyalezo wakho.
Uma unemali, ungenza isithombe esikhulu esibhalwe isibongo nezithakazelo zakini, esizokhangiswa ekhaya ukuthi wonke umuntu ofikayo asibone.
UMbongeni Mayisela (35), onamadodana amathathu, uthi akukho akulindele ngalolu suku ngoba uma kungewona amasokisi yinkomishi. Uthi kungaba kuhle ukuthola noma yibhodlela lesiphuzo esishisayo asithandayo noma ijezi leqembu lebhola alithandayo, i-Man City.
URev. Chris Mathebula ungomunye wobaba abanikele enkundleni uX eyala abantu ngezinhlobo zezipho abangazithokozela bengobaba: iwashi, amaselula ahamba phambili, amateki noma imali.
“Sicela nime kancane ngothayi, ama-gown okulala namasendela,” kubhala yena.