UMKHANDLU wase-Unisa uvumelane ngo-elethu ngokuhlonipha ingwazi yomculo engasekho uRay Chikapa Phiri ngeziqu zobudokotela. URay Phiri owayehola iqembu lomculo iStimela, ushone ngoJulayi 2017 exinwe wumdlavuza eneminyaka ewu-70 ubudala.
I-Unisa imemezele ukuthi le ngwazi engasekho izoyihlonipha emcimbini wokwethwesa izitshudeni iziqu obungoLwesihlanu, ePitoli.
Bathe bakhethe ukumhlonipha ngenxa yamagalelo abe nawo emphakathini elwela inhlalakahle yomphakathi ngokubeka uvo kwezepolitiki esebenzisa umculo.
“Wayesiqonda kabanzi isimo sangaleso sikhathi ebheka izimo zezepolitiki ezweni waze waqopha izingoma ezikhuluma ngalokho ezifana nezithi Highland Drifter ngo1974.
“Uphinde waqopha ethi Whispers In the Deep/Phinda Mzala futhi zombili lezi zingoma zavalwa wuhulumeni wobandlululo,’’ kusho abase-Unisa.
UPhiri uke wacula nengwazi yaphesheya e-America uPaul Simon ngo-1986 behlangene neLadysmith Black Mambazo ecwecweni elithi Graceland eladuma umhlaba wonke.
UPhiri uhlonishwa yi-Unisa nje uke wahlonishwa ngezindondo ezehlukene phambili. Uke wahlonishwa wuhulumeni nge-Order of Ikamanga ngo-2011. Uke wahlonishwa ngeLifetime Achievement Award ngo-2012.
Umlobi uDkt Tlou Setumu uke wahlonipha uRay Phiri ngencwadi enomlando wakhe ethi Singajindi Majita...Struggle and Musical Train Journey Ray Phiri