I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) isingenelele odabeni lokushona komfundi u-Enock Mpianzi, obefunda eParktown Boys.
Okhulumela inhlangano, uMnuz Buang Jones, usho lokhu izolo emuva kokuba behlangene nomndeni, waveza ukuthi bazohlangana nesikole nomnyango maduze ukuze kuqale uphenyo.
Kuzobe kubhekwa ukuthi akubanga khona yini ubudedengu ngasohlangothini lwesikole nomnyango.
U-Enock, obefunda kaGrade 8, uminze ngeledlule kade benohambo lwesikole eNorth West, lapho bebenohlelo lokwamukela abafundi abasha esikoleni. Isidumbu sakhe sitholwe amaphoyisa emfulei iCrocodile ngoLwesihlanu.
Waduka kusukela ngoLwesithathu ntambama, kodwa kuze kwanakeka ukuthi udukile ngoLwesine.
Kuthiwa abafundi bebehamba ndawonye begwedla emanzini. Basuke lapho baya entabeni base babuya badla, belala ehlathini ngoba babekhempile. Konke lokhu bakwenza nje akekho onakile ukuthi umfundi udukile. Ngokwesitatimende sesikole, esikhishwe ngoLwesihlanu, kwabonakala ngoLwesine ukuthi kukhona umfundi odukile.
Amaphoyisa aze abikelwa ngabo-3 ntambama, abe eseqala ukuthungatha.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe kuzokwenziwa uphenyo.
Bekungakacaci ukuthi abafundi ngesikhathi besemanzini babefakile yini amajakhethi abavikela ukuba bangaminzi.
Unina ka-Enock, uNkk Anto Mpianzi, uthe bebebheke lukhulu endodaneni yabo manje sekumele bayingcwabe.
“Okwenzekile kumele kugcine ngendodana yethu. Izingane zethu ziyikusasa lethu, sithembele kuzo. Uma siziyisa esikoleni sisuke sithemba ukuthi ziya ezandleni eziphephile,” kusho uNkk Mpianzi.