MCEBO MPUNGOSE
I NGCINDEZI yokubanga ababukeli nezinye iziteshi isiphoqe iSabc ukuthi ishintshe izinhlelo zayo ukuze ihehe ababukeli.
Iziteshi ezifana noMzansi Magic, etv, M-net nezinye zibonakala zingazibekile phansi nokwenza izikhulu zeSabc zingabulali ubuthongo.
Izolo i-Sabc imemezele izinguquko ezinqala ezizoqala ukubonakala maduze zokuzama ukuheha ababukeli. Phakathi kwezinguquko ezizobonakala kuSabc 1 yilezi: NgoLwesihlanu, ngesikhathi obekudlala ngaso-i Live Amp sekuzodlala i- Urban Music Xperience ngo-9 ebusuku, uhlelo lo mculo oluzobe lwethulwa uLuthando ‘Lootlove’ Shosha nomsakazi weMetro FM u-Adil More.
Izolandelwa yi Sky Room Live ngo-10 ebeyivamise ukukhonjiswa ngoMgqibelo. UPearl Thusi noDJ Warras bazoqhubeka neLive Amp entsha ezongena ngo 7.30 ebusuku. I Fan Base izoqhubeka idlale ngo-6 kodwa nayo isishintshiwe indlela ebukeka ngayo njengoba izobe seyethulwa u-Akhumzi Jezile kanti phambilini beyethulwa uZuluboy.
“Lezi zinguquko zenziwe isimo esikhona njengamanje kuthelevishini futhi sizama ukunikeza ababukeli into abayifunayo,” kusho isikhulu esiphezulu sakwa SABC uVerona Duwarkah.
Akumenyezelwanga lutho ngohlelo obekulindeleke ukuthi nalo luthinteke kulezi zinguquko, i Soccerzone, abantu abaningi asebeveze ukuthi isiphelelwe ushatini.