INYUNYANA yamaphoyisa, i-Police and Prisons Civil Rights Union isichithile isinqumo sokukhushulelwa kwabasebenzi bakahulumeni amaholo ngo- 4,7%, okumenyezelwe wuNgqongqoshe weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhathwa, uNkk Noxolo Kiviet, ngesonto eledlule.
UNkk Kiviet uthe ngokwesinqumo esathathwa ezingxoxweni zamaholo nyakenye emhlanganweni wesigungu esihlanganisa umqashi nabamele abasebenzi, i-Public Sector and Coordinated Bargaining Council, uhulumeni uzothi phohlo ngo- 4.7% emaholweni abasebenzi kusuka ngo- Ephreli, 1, ngesonto elizayo.
I-Popcru ithi ayikaze isisayine lesi sivumelwano nyakenye ngoba ikholwa ukuthi ukwenyuswa kwamaholo abasebenzi ngale ndlela kuyinhlamba kumalungu ayo futhi kuwukuwabukela phansi.
UMengameli we-Popcru uMnuz Thulani Ngwenya, uthe lesi siphakamiso singaphansi ngisho kwezindleko zempilo njengoba zifinyelele ku- 5.6% ngenyanga edlule.
“Ukukhushulwa kwemali ngaleli phesenti, kukhombisa ukuthi uhulumeni akanandaba kangakanani nabasebenzi bakhe. Akwenele ekutheni kungaphucula impilo yabasebenzi emazingeni aphansi nokumelana nezindleko ezikhuphukayo zemihla yonke. Asiwakholwa amampunge kahulumeni owayethi akubeke etafuleni ukuphela kwento angakwazi ukuyinikeza abasebenzi, ngakho asisayinanga,” kusho uNgwenya.
Uthe abezinye izinyunyana, babaxwayisa ngokusayina lesi sivumelwano seminyaka emibili sokukhushulwa kwamaholo, ngakho sekuyisikhathi sokuthi kuvikelwe abasebenzi.
Ngo-2022, le nyunyana yaba nokhukhulelangoqo wemashi ngenhloso yokuphoqa uhulumeni ukuthi enze okuthiwa wayekuthembisile ngo-2018 kokuthi ngonyaka wezimali u-2020/2021, uzokhuphula imiholo yabasebenzi ibe ngaphezulu ngephesenti elilodwa, ephesentini lezindleko zempilo. Okunye ababekumashela, ukukhushulwa kwamaholo abasebenzi ngo- 3% okuthiwa umqashi wakwenza ngaphandle kokuvumelana nezinyunyana zabasebenzi.
Nakuba i-Popcru engaphansi komfelandawonye wezinyunyana iCosatu engamadlelandawonye nenhlangano ebusayo i-ANC bavumelana ngokuthi bazokweseka le nhlangano njengoba kubhekwe okhethweni, kodwa uNgwenya uthe abasebenzi abangamalungu abo sebetshengise ukumungabaza uhulumeni ekutheni akazikhathalele izidingo zabo, ngakho bakulungele ukungena emgwaqweni.
“Okwamanje kubukeka sengathi abasebenzi bashaywa ngesithende njengoba kungekho iqembu lezepolitiki eliphumele obala ngamalungelo abasebenzi ngesikhathi ekhankasa enxenxa amavoti. Noma ngabe yiliphi iqembu elizovotelwa ngoMeyi kumele lazi ukuthi abasebenzi bazohleze bekhona nangale kukaMeyi,” usho kanje.