UPHIKO oluphenya amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) izolo lumemezele ukuthi luzophenya mayelana nezinsolo ezenziwe ngoKlebe.
Okhulumela i-Ipid uMnuz Moses Dlamini izolo ukuqinisekisile ukuthi bazophenya.
Phambilini uDlamini wathi yihhovisi elikhulu loKlebe elinelungelo lokuphenya amalungu alo.
“Uma udaba lulethwa kuthina sizolubheka, okwamanje asinayo imininingwane,” kusho uDlamini.
Uphawule kanje ngemuva kokuthi ikomiti lamaphoyisa ephalamende ngempelasonto linxuse ukuthi kuphenywe ngezinsolo okuthiwa zenziwa isikhulu soKlebe.
Lokhu kulandela ukuthi owayeyiPhini likaNgqongqoshe weziMali uMnuz Mcebisi Jonas ngoLwesihlanu etshele ikhomishini ephenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso ukuthi oKlebe bazama kanjani ukucima icala elavulwa abeDA ngemuva kokuzwa ukuthi abakwaGupta bazama ukumgwazela bemthembisa umsebenzi wokuba ungqongqoshe.
UJonas uthe isikhulu soKlebe uMajor General Zinhle Mnonopi samtshela ukuthi bazama ukuphazamisa icala, nokuthi wamnika isitatimende esasibhaliwe wathi akasisayine.