I-EFF isifuna kuhoxiswe ingxenye yesibhunu ebizwa ngeDie Stem kwiculo lesizwe kulandela isinqumo senkantolo sokuthi kuzothathwa njengenkulumo egqugquzela inzondo noma uhlevane ukuphephezelisw kwefulegi elidala lakuleli, elalisetshenziswa ngezikhathi zobandlululo.
Izolo inkantolo yezokulingana inqume izolo ukuthi kuzothathwa njengenkulumo egqugquzela inzondo noma uhlevane ukuphephezeliswa kwefulegi
IJaji uPhineas Mojapelo, lethula isinqumo lithe lokhu akusho ukuthi livalwe thaqa leli fulegi njengoba livikelwe umthetho ukuba lisetshenziswe amaciko, ukufunda (izifundiswa), izintatheli nokunye okumayelana nomphakathi.
Ijaji ligxeke abaqhubeka nokulibhakuzisa emphakathini ifulegi langezikhathi zobandlululo.
“Labo abasebenzisa leli fulegi, bakhetha ngamabomu ukusebenzisa lona futhi benza ngamabomu ukuba bangasebenzisi ifulegi elisha lentando yabantu. Bakhetha ingcindezelo kunoma bakhethe inkululeko,” kusho uMojapelo.
Uthe abaveza leli fulegi esidlangaleni kumele bangaboshwa kodwa kumele bahlawule.
Leli fulegi elinombala osa-olintshi, omhlophe noluhlaza sasibhakabhaka lalisetshenziswa kuleli ngesikhathi sobandlululo.
Yize kunjalo kukhona abantu abasalisebenzisa uma kunemihlangano yezepolitiki noma ezinkundleni zemidlalo, ikakhulu ebholeni lombhoxo.
Inhlangano iNelson Mandela Foundation, yiyona ebiye enkanotlo ifuna kuthathwe njengento engekho ukusetshenziswa kwaleli fulegi elidala ngoba ithi kukhombisa ukucwasa ngokwebala.
IKhomishini yaMalungelo Abantu kuleli, iSouth Africa’s Human Rights Commission, ibiyeseka iNelson Mandela Foundation kulesi sicelo senkantolo.
I-Afriforum, ibikuphikisa ukuthi kuvalwe ukuphephezeliswa kwaleli fulegi.
UMnuz Ernst Roets, we-Afriforum, uthe bona abakholwa ukuthi ukusebenzisa leli fulegi kubhebhezela udlame.
“Siyakholelwa ekukhulumeni ngokukhululeka, ukuvezwa kwaleli fulegi asikholelwa ekutheni yingoba sisuke sigqugquzela udlame.”
Esitatimendei esishicilelwe yi-EFF, leli qembu livele ukuthi sekumele kulandele iDie Stem.
"Ifulegi langezikhathi zobandlululo kuleli neDie Stem okwabantu ababodwa. Uma bephephezelisa leli fulegi bacula iDie Stem, ngoba iyona ndlela abakwazi ukuzwakalisa ukungahambisani kwabo nabamnyama," kusho i-EFF.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, usishayele ihlombe isinqumo senkantolo, wathi ukusetshenziswa kwalo kubukela phansi imizamo yokugqugquzela intando yabantu.
Uthe abasaqhubeka nokuphephezelisa leli fulegi bakhetha ingcindezelo kunenkululeko.
Owe-Afriforum, uMnuz Ernst Roets, uthe bona abakholwa ukuthi ukusebenzisa leli fulegi kunodlame.
“Siyakholelwa ekukhulumeni ngokukhululeka, ukuvezwa kwaleli fulegi asikholwa ukuthi kungoba usuke unodlame. Udlame kumele luhambe nesenzo sokulimaza,” kusho uRoets.
NePhini likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza lisamukele isinqumo senkantolo.