SABELO NSELE
ABAHLAZIYI bezepolitiki bathi ngeke ilibone elidlalayo i-African Transformation Movement (ATM) emzameni wayo wokuketula uMengameli Cyril Ramaphosa.
NgoLwesine iPhalamende lizolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaRamaphosa esenziwe yi-ATM.
I-ATM, esungulwe ngaphambi kokhetho lwangonyaka owedlule, ifuna uRamaphosa asuswe esikhundleni ngoba lithi wadukisa izwe ngesikhathi ememezela ukuthi ngeke kube khona ukunqanyulwa kukagesi phakathi kukaDisemba 17 ngonyaka owedlule kanye noJanuwari wakulo nyaka.
Futhi ifuna ukuthi uRamaphosa ajeziswe mayelana nomnikelo kaR500 000 owakhokhwa owayeyisikhulu seBosasa uMnuz Gavin Watson emkhankasweni wakhe wokuhola i-ANC.
Abahlaziyi bezepolitiki bathi lesi siphakamiso ngeke siphumelele.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze e-University of Western Cape, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe izibalo aziyivumi i-ATM.
Iinezihlalo ezimbili kuphela ePhalamende elinamalungu awu-400. Isiphakamiso salo kufanele sivotelwe amalungu angaphezu kuka-266 ukuze siphumelele.
Lokho kusho ukuthi uRamaphosa udinga amavoti awu-134 kuphela ukuze asinde. I-ANC inamalungu awu-230 ePhalamende.
“Ngicabanga ukuthi i-ATM yenzela ukuthi yaziwe ukuthi nayo ngelinye lamaqembu akhona ePhalamende. Nakuba i-ANC yahlukene kodwa lokho ngeke kuyisize i-ATM ukuthi ithole isibalo esanele ukususa uRamaphosa.
“Okunye kubuye kube khona ipolitiki yezisu. Kungaba khona kwi-ANC abangahambisani noRamaphosa kodwa abangeke basivotele lesi siphakamiso ngoba abazi ukuthi kuzokwenzekani kubo.”
Umhlaziyi ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe into eyenza kube nzima kakhulu ukuthi isiphakamiso siphumelele wukuthi akubukeki amanye amaqembu aphikisayo ezoyeseka i-ATM.
“Amaqembu aphikisayo awasafani nangesikhathi sikaMnuz Jacob Zuma. Onke ayezwelana noRamaphosa. Kobe basebenzile uma bekwaze ukuthola amavoti aphakathi kuka-10 no-15.”
UNdlovu uthe noma kungathiwa amalungu e-ANC angahambisani noRamaphosa ayasivotela isinqumo, lokho ngeke kwanele ukuthi i-ATM ithole isibalo esanele.
“Iningi lamalungu e-ANC asePhalamende ayameseka uRamaphosa. Empeleni isiphakamiso siwumbhedo. I-ATM izifunela udumo nje.”
ABAHLAZIYI bezepolitiki abayiboni iphumelela i-ATM emizameni yabo yokuketula umengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: GCIS