UPHIKO lwabesifazane i-ANCWL KwaZulu-Natal, lukhathazekile ngokwanda kwesibalo sabesifazane kulesi sikhathi sikathaqa abahlukunyezwa ngokocansi nababulawa ophathina babo besilisa.
Okwenza isimo sibe sibi kakhulu ngokusho kukaNksz Mbali Fraser okhulumela lolu phiko kulesi sifundazwe, abantu besifazane abavula amacala emaphoyiseni, baphinde futhi bawahoxise.
“Inkinga edala ukuthi baphinde bawahoxise amacala wukungasebenzi kwabantu besifazane abathembele ekondliweni abantu besilisa,” kusho uNksz Fraser.
Uthe esinye sezizathu, ukuthi kulesi sikhathi akusebenzi muntu emakhaya, ingcindezi abesilisa bagqolozelene nabesifazane emakhaya, bese kuqala lapho ukuhlukumezeka kwabesimame.
UNksz Fraser uthe ucela umphakathi nomakhelwane bangathuli babikele amaphoyisa uma bebona owesifazane oseduze nabo ehlukumezeka.
Uthe nabo banalo uhlelo lwabo olwaziwa ngokuthi Molo Makhelwane abagqugquzela ngakho ukubambisana nomphakathi ukubika emaphoyiseni izenzo zokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Sesinxuse namavolontiya ethu ukuthi asisize ngokuthi ahambe esihlolela ngezigameko zalolu hlobo ukuze sikwazi ukuzibika emaphoyiseni nakosonhlalakahle,” echaza.
Ngokusho kwakhe, okubuhlungu abanye abantu bahleli nabantu abangabathandi abangazi ukuthi bazobamukela kanjani.
UMnuz Mhlaba Memela okhulumela uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uthe ziningi izindlela umnyango ongenelela ngazo ekuthuthukiseni abesifazane.
“UMnyango unazo izinhlelo zokuthuthukisa abesifazane ukuthi bakwazi ukuzimela. Kunohlelo uNgqongqoshe alwethula eKokstad nyakenye okuhloswe ukuthi lusatshalaliswe kuso sonke isifundazwe lapho kufundiswa khona abantu besifazane ukuthunga nezolimo,” kusho uMemela.
UMemela uthe ukufundiswa kwabesimame amakhono kwenzelwa ukuthi basebenzisane nezikole nezibhedlela uma kukhona ezifuna ukuthungelwa kona.
Naye uzwakalise ukukhathazeka ngabesimame abasebenzisana nosonhlalakahle bomnyango ukuvula amacala, kodwa baphinde bawasule futhi ngoba bethi ubaba uyena ofaka isaka lempuphu ukuze kudliwe ekhaya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe imininingwane yeCovid-19 ngokuhlukunyezwa kwabesifazane isingethwe amaphoyisa kuzwelonke.
Ngenkathi Isolezwe lixhumana noBrigadier Vishnu Baidoo, obambe ucingo lwakhe uthe usematasa emhlanganweni.