BONISWA MOHALE
UZITHUNTELE iziqadu uSotswebhu we-ANC eMkhanyakude uNksz Maniza Chantal Ngcobo emuva kokusabalala kwevideo emveza enika abantu amabhodlela eHennessy esabelele ezinkundleni zokuxhumana.
Isolezwe lithole ukuthi le video ithathwe emcimbini obungempelasonto KwaMsane, eMtubatuba.
Akucaci ukuthi le video ithathwe wubani kodwa abantu bebemgxeka uNksz Ngcobo beze besho ukuthi akayilandeli imigomo yeCovid-19.
Ngeledlule Isolezwe libhale ngokusinda kukaNksz Ngcobo kwiCovid-19 eze egqugquzela abantu ukuthi balandele imigomo kahulumni, baqhubeke nokugqoka izifonyo nokuqhelelana.
Amalungu e-ANC akhulume nephephandaba eliphuma njalo ngeSonto athe okwenziwe wuNksz Ngcobo kuyaphoxa futhi kufanele athathelwe izinyathelo ngoba kufanele abe yisibonelo njengomholi womphakathi.
Isolezwe lithinte uNksz Ngcobo limbuza ngale video wathi uyibonile kodwa ayizange ithathwe ngemvume yakhe.
“Ngiyibonile ivideo esigcwele ezinkundleni zokuxhumana. Ngithanda ukucacisa ukuthi ithathwe emcimbini obusekhaya ngoba besikhumula inzilo emuva kokushonelwa wumama. Akusilo iqiniso ukuthi bengihambe ngiphisana ngotshwala kodwa bengisegcekeni ekhaya nginomndeni wakithi,” kusho uNksz Ngcobo.
Isolezwe lithinte umkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Nhlakanipho Ntombela limbuza ukuthi ngabe bayibonile yini levideo nokuthi kuzokwenziwani ngayo.
“Siyibonile ivideo kodwa udaba lwayo siludlulisele esifundeni saseFar North (eMkhanyakude) lapho kukhona uNksz Ngcobo. Silinde umbiko wabo ngaphambi kokuthi siphawule ngalolu daba,” kusho uNtombela.
USihlalo we-ANC eFar North uMnuz Ndodephethe Mthethwa uthe luzodingidwa emhlanganweni wabo wanamuhla udaba lwevideo kaNksz Ngcobo.