UKHONGOLOSE ubuyise amandla ezizindeni ze-IFP koMasipala bakwaZulu-Natal oKhahlamba naseBaqulusini ngoLwesithathu.
Imiphumela ekhishwe yikhomishini ebhekele ukhetho ikhomba ukuthi i-ANC inqobile okhethweni lokuchibiyela obelusoKhahlamba nasebaQulusini.
I-ANC inqobe ku-ward 4 wasoKhahlamba kwaqokwa uMnuz Herbet Hlatshwayo ku-ward 4 osezoba yikhansela.
Bangamaphesenti angu-60 abantu abavotile lapho uHlatshwayo ehlule uMnuz Mkhuzeni Hlongwane we-IFP, uMnuz Fenuel Mthembu we-NFP, uMnuz Nkosinathi Mhlanga weqembu likaMnuz Mzwanele Manyi i-ATM.
Ukhetho lwenzeke ngemuva kokushona kwekhansela likaKhongolose.
I-IFP ibinethemba lokuthi izolunqoba ukhetho ngemuva kokuletha uMntwana wakwaPhindangene.
I-ATM izwe amanzi ngobhoko njengoba kuyiqembu elisanda kusungulwa kanti bekungokwesibili lenza kanjena ngemuva kokuzama inhlanhla ePort Elizabeth.
KuMasipala waseBaqulusini nakhona kuphinde kwanqoba i-ANC ku-ward 21 obekunokhetho kulo. Ikhansela elisha sekunguMnuz Nkosinathi Clement Mkhwanazi.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe imiphumela ikhomba ngokusobala ukuthi abantu abasazimisele ukuphathwa yi-IFP.
“Uma ubheka ukhetho lwaseBaqulusini nolwasoKhahlamba luyizinkomba zokuthi abantu bafuna uKhongolose ubahole. EBaqulusini kuyacaca ukuthi umphakathi awuhambisani nomfelandawonye lwe-IFP, DA ne-EFF. Yingakho beqoke ukubuyisa i-ANC,” kusho uNtuli.
OKhahlamba kube yisimo esifanayo njengoba umkhandlu wathathwa yi-ANC uphucwa i-IFP.