UNOBHALA jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthe le nhlangano izokhala ngaphansi okhethweni uma amalungu ayo elwa wodwa.
UMbalula uthe abazikhathazi ngamanye amaqembu njengoba kuyiwa okhethweni ngoba banethemba lokuthi abantu bazobavotela.
“Kodwa into engashabalalisa le nhlangano ukuthi amalungu alwa wodwa. Lokhu kungenza sikhale ngaphansi okhethweni,” kusho uMbalula.
Ukusho lokhu ekhuluma esifundweni ngesishoshovu sowayengumholi wophiko lwentsha lwale nhlangano, uMnuz Peter Mokaba eLimpopo izolo.
Uthe kubalulekile ukuthi le nhlangano ibumbane njengoba kubhekwe okhethweni.
Ubalule nokuthi njengoba beyivuselela kabusha le nhlangano, kubalulekile ukuthi ivikelwe.
“Abantu bathembele kule nhlangano ukuthi izobakhulula ezinkingeni ababhekene nazo. Kubalulekile ukuthi ivikelwe le nhlangano.”
Uthe ukuba kwi-ANC akusho ukuthi kumele ube nguNgqongqoshe, imeya noma ikhansela.
“Le nhlangano ingakukhipha noma yinini kulezi zikhundla ngoba akusona esikamuntu. Sadinwa ngesikhathi uMokaba engakhethwanga ekubeni ungqongqoshe kwikhabhinethi kaThabo Mbeki esengumengangameli. Wayeyiphini likangqongqoshe kwikhabhinethi kaNelson Mandela esengumengameli. Sasikhala ngokuthi njengoba ayengumuntu omusha sibukela kuyena, kwakumele abe ngungqongqoshe. Kodwa yena wayengenandaba, wasibiza wasitshela ukuthi asingalwi, ngoba akekho umuntu okumele nakanjani athole isikhundla enhlanganweni,” kusho uMbalula.
Uthe uma kumele uhoxe ngoba ubhekene namacala kumele ungachitheli inhlangano isikhathi uhoxe.
“Bakhona abaholi abazihoxela, bengaphoqwanga muntu. UMnuz Mike Mabuyakhulu eKZN ngomunye owalahlekelwa izikhundla wazihoxela futhi wayengafuni ukuthi asekwe ngamalungu enhlangano esahamba amacala. Usanda kuphuma phambili enkantolo kanti kutshengisa ukuthi uyayilandela imigomo yenhlangano ngoba akaphoqwanga ukuthi ahoxe, wazihoxela yena.”
Uthe abantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho kumele babuyele emazweni abo.
Odabeni lwaseRussia, uthe leli lizwe libalulekile ngoba lisebenzisana nelakuleli.
“Umengameli Cyril Ramaphosa eFrance utshele abaholi bamazwe ukuthi ngeke elakuleli lincenge ukusebenzisana kodwa kumele wonke umuntu athathwe njengolinganayo.”