I-ANC ithi izocubungula isiphakamiso sokuthi uhulumeni aqhubeke nokuholela abangasebenzi isibonelelo ngoba ubhubhane iCorona, lusaqhubeka nokuba nomthelela ongemuhle kwezomnotho.
Lesi sibonelelo sikaR350 esaqala ukuholelwa ngesikhathi izwe liya esigabeni sesihlanu sikathaqa, bekulindeleke ukuthi sigcine kule nyanga.
Izolo uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa, umemezele ukuthi singase siqhubeke isibonelelo. Ethula inkulumo yokuvala umhlangano we-ANC wezinsuku ezintathu izolo, uRamaphosa uveze ukuthi kuthathwe isinqumo sokuthi kucutshungulwe isiphakamiso sokuthi kuqhutshekwe nokuholela lesibonelelo.
“Konke lokhu kuzoncika ekutheni zisekhona yini izimali esikhwameni sikahulumeni futhi kuzomele kube neqhinga elicacile lokuthi yikuphi okunye okuzokwenziwa uma kumiswa lesibonelelo,” kusho uRamaphosa.
Ethula inkulumo yakhe kwisithangami ebesibanjwe kusetshenziswa ezokuxhumana, uRamaphosa uveze ukuthi amaphoyisa azoqinisa umthetho kwizinhlangano zosomabhizinisi eziphazamisa imisebenzi kahulumeni ngoba zithi zifuna ukuhleshulelwa amathenda.
“Miningi imisebenzi kahulumeni ephazanyiswe yilaba bantu. Kepha kulo nyaka ngeke sikuvume lokho. Ngeke sivumele abantu abathile ukuthi baphendule leli zwe kube iKwampunz’ idlemini. Umthetho kuzofanele udlale indima yawo kulabo abaphazamisa imisebenzi kahulumeni, ngoba lokho kuphazamisa intuthuko edingwa abantu abahlwempu.”
URamaphosa uthe le nhlangano izobhekisisa uma isikhetha amagama abazoyimela okhethweni lohulumeni basekhaya.
“Sizobhekisisa ikakhulukazi kulabo abavele bangamakhansela njengamanje. Sizobheka ukuthi basebenza kanjani njengamanje. Ngeke sibabuyisele abakwimikhandlu engenzi kahle.”